UTau uzojoyina Amakhosi uma uPitso engumqeqeshi

Umdlali weBafana Bafana uPercy Tau kubikwa ukuthi uyafisa ukujoyina iKaizer Chiefs kodwa kuphela uma leli qembu liqasha uPitso Mosimane njengomqeqeshi walo omusha.

Bobabili uMosimane noTau kubhekwe ukuthi bangase baye eNaturena.

UMosimane oqeqesha i-Abha Club ku-Saudi Pro League, uthathwa njengentandokazi futhi ubonakala efakenelekile ukuba umqeqeshi weKaizer Chiefs.

Leli qembu alinaye umqeqeshi selokhu lahlukana noMolefi Ntseki ngoMfumfu odlule, kulandela ukuqala kabi isizini ka-2023-24 yeDStv Premiership.

IThe Citizen ibhale ukuthi imibiko evela e-Egypt iveza ukuthi uTau angase acabange ukubuyela eNingizimu Afrika ukuze ajoyine iChiefs uma uMosimane ethatha izintambo zokuhola iqembu.

Inkontileka kaTau ne-Al Ahly izophela ngoNhlangulana, kanti nakuba i-Al-Ahly imnike inkontileka entsha ezomenza umdlali okhokhelwa kakhulu ezwenikazi lonke, amahlebezi aveza ukuthi uTau nomqeqeshi we-Al-Ahly, uMarcelo Koller ababoni ngaso linye.

Kuzoya ngokuqokwa kukaMosimane njengomqeqeshi, akukacaci ukuthi uTau uzohlala neqembu lase-Egypt noma abuyele eNingizimu Afrika ajoyine iKaizer Chiefs.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Osesithombeni ngenhla: UPercy Tau.

Umthombo wesithombe: Percy Tau/X

Izihloko zakamuva