Lubhalwe nguKarabo Rammutla
Uyalulama esibhedlela umgijimi obegwiliza emfuleni e-Centurion, e-Tshwane.
Akucaci ukuthi yini eholele ekutheni lo mgijimi agwilize.
Izakhamuzi zazise iziphathimandla ngesikhathi zibona lo wesilisa emfuleni obizwa nge-Hennops edonsa kanzima ukuze aphumele ngaphandle.
Okhulumela uMnyango wezimo eziphuthumayo e-Tshwane, uMnu Charles Mabaso uthe bathole ucingo ngesikhathi kubikwa ukuthi kubonakale owesilisa emfuleni e-Die Hoewes e-Centurion eduze nomgwaqo omkhulu.
“I-Tshwane Fire and Rescue Water Rescue 762 kanye ne-Engine 31 bathunyelwe ngokushesha kule ndawo. Ithimba lezinhlaka ezahlukene amaphoyisa endawo, i-Gauteng EMS kanye nabezimo eziphuthumayo bakwazile ukuhlenga umlisa olashelwe endaweni yesigameko wabe esephuthunyiswa esibhedlela.””Usesimweni esigculisayo,” kusho uMabaso.
Indawo yase-Centurion igcwala amanzi njalo uma kunemvula eningi. Amabhuloho aphansi kakhulu futhi nemigwaqo ngezinye izikhathi imbozwa ngamanzi.
Njengoba izimvula ezinamandla zisaqhubeka nokushaya izingxenye eziningi zezwe, imisele yamanzi eziphepho ivalwa amahlamvu, udoti kanye nezimpahla zabantu abangenamakhaya, izikhukhula zihlala zilindelekile.
Isithombe esingenhla ngesomgijimi obegwiliza emfuleni e-Hennops ngoLwesibili ekuseni
Umthombo wesithombe: Tshwane Emergency Services