Buziwe Nocuze
Kusolwa ukuthi uYamkela Sikhafungana ushaywe wavalelwa endlini isoka lakhe ebeselibike nokuthi udukile, ngenxa yokufika ekhaya sekudlule isikhathi.”
USikhafungana oneminyaka engu-26 wase-Khayelitsha eKapa kumanje usesibhedlela ulashelwa ukulimala kwakhe.
Udadewabo uYonela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uthole ucingo oluvela kwisoka likadadewabo ngoMgqibelo odlule libika ukuthi ulahlekile limbuza ukuthi ubengakaxhumani yini nomndeni wakhe.
“Siqale ukumthungatha njengoba besinovalo lokuthi sekwenzeke okubi kakhulu, futhi asizange sisheshe sibike ngodaba ngoba ubehlale exhumene nathi ezinkundleni zokuxhumana, yize bebesola ukuthi isoka ilona eliphendula imiqhafazo yabo,” kusho uYonela.
Ngesikhathi becabanga ukuvula icala umzala wakhe unqume ukuphenya kabanzi waya lapho uYamkela abehlala khona nesoka lakhe.
“Ngesikhathi umzala efika khona umsolwa ubengafuni ukumvulela umzala wabona ngaleso sikhathi ukuthi udadewethu akalahlekile, kodwa uvalelwe emjondolo sonke lesi sikhathi,” kusho uSikhafungana.
Umzala uvele wahayiza ecela usizo kumalungu omphakathi okuyiwona amsizile wakhipha uYamkela emjondolo bamphuthumisa esibhedlela.
“Sitshelwe ukuthi unesikhathi sokubuya ekhaya okuyihora lesishiyagalombili ebusuku. Wabuya ngemuva kwaleso sikhathi ngalolo suku isoka lamshaya.”
Umndeni ukholelwa ukuthi isoka liqambe amanga ngokuthi ukuphi uYamkela Sikhafungana ngenhloso yokubulala nokulahla isidumbu sakhe ukuze umndeni ukholwe ukuthi ubulawe abantu nje.
“Siyajabula ukuthi umzala wami uye khona wakwazi ukumsindisa njengoba ubesesimeni esingesihle neze engakwazi ngisho nokunyakaza,” kwengeza udadewabo.
Okhulumela amaphoyisa esiteshini sase-Harare e-Khayelitsha uSiyabulela Vukubi uthe kuvulwe icala lokushaya ngenhloso yokulimaza.
Umsolwa usazoboshwa njengoba ebalekile.