Ungamangala ukuthi yini ongayenza nge-tomato sauce, i-garlic powder nama-Maggis cubes.
Mhlawumbe ungahluleka ukwenza ukudla okumnandi ngalezi zinto, kodwa owesilisa oyitilosi oneminyaka engu-47 uphile izinsuku ezingu-24 olwandle ephethe lezi zinto ezintathu kuphela.
U-Elvis Francois wase-Dominica uthe usizi lwakhe luqale ngoZibandlela ngesikhathi elungisa isikebhe sakhe ngasesiqhingini sase-St Martin e-Netherlands Antilles. Lo wesilisa wangena nesikebhe sakhe olwandle.
Kwividiyo uthe wayengenakho ukudla esikebheni wayene-ketchup, i-stock cubes kanye nempuphu kagalikhi.
“Bengikuhlanganisa namanzi.”
Kule vidiyo ekhishwe umbutho wezempi wasolwandle e-Colombia, uFrancois uthe uzamile ukuxhumana nabangani bakhe kanti nabo bazamile ukuxhumana naye, kodwa lutho ukumthola.
“Kodwa ibingekho isignali futhi akukho okunye ebengingakwenza ngaphandle kokulinda nje.”
Bekudingeka akhiphe njalo amanzi esikebheni ukuze singacwili. Uphinde wazama ukubasa umlilo ezama ukuthola usizo, kodwa lokho akuzange kuphumelele.
Kodwa ngenhlanhla kwadlula indiza wasebenzisa isibuko ukuze abonakale.
I-AP News ichaze ukuthi uFrancois utakulwe amasosha ase-Colombia.
Isitatimende esikhishwe ngamasosha asolwandle ngoLwesithathu sithe isikebhe sikaseyili sibonwe sisemoyeni endaweni engu-120 nautical miles enyakatho-nentshonalanga yase-La Guajira Peninsula.
Izikhulu zithe igama ebelibhalwe “helo”, phezu kwesikebhe ilona elimsizile ukuze atakulwe.
Uhlengwe wayiswa edolobheni eliyitheku lase-Cartagena ngomkhumbi wamabhokisi obudlula.
Umkhuzi wase-Colombia, uCarlos Urbamo Montes uthe uFrancois utholwe engumqemane, kodwa ubesehlile emzimbeni.
Kwividiyo ekhishwe umbutho wamasosha asolwandle, uFrancois uthe ngesinye isikhathi ubelahlekelwa ithemba futhi into ebimgcina ephila umndeni wakhe ukuwucabanga nje bekumnikeza amandla.
Ubonge nonogada basolwandle.
“Ukube bekungebona ngabe mhlampe sikhuluma okunye.”
Umbutho wamasosha asolwandle uthe uFrancois uthole ukuhlolwa kwezempilo olwandle wabe esedluliselwa kubaphathi ukuze abuyele ekhaya e-Dominica.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe esingenhla: Owesilisa oduke olwandle lwase-Caribbean izinsuku ezingu-24
Umthombo Wesithombe: AP News