Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Umgwaqo u-N3 okhokhelwayo ose-Van Reenens Pass, ohlanganisa i-Gauteng neKwaZulu-Natal,
usuvulwe kabusha ukuze kusizwe abantu abasavaleleke eqhweni.
Lokhu kulandela ukukhithika kweqhwa elihlasele iKwaZulu-Natal Midlands ngoMgqibelo, nokwenze kwaba nzima ukuthi izimoto zihambe phakathi kweGoli neKZN.
UThania Dhoogta, oyi-Chief Operations Officer yomgwaqo u-N3, uthe umzila owodwa
usuvuliwe ukuze kuhambe izimoto zezimo eziphuthumayo.
“Ogandaganda kanye namathimba abatakuli bayaqhubeka nokuvula umzila ophephile wabashayeli bomgwaqo abavaleleke kuwo
eduze nase-Montrose,” esho.
Yize isimo sezulu besibi kodwa inkampani yonogada eKZN isize ukutakula ibhasi ebelinabangu-50
okuyizingane zesikole ebezibhajwe eqhweni isikhathi esingaphezu kwamahora ayishumi.
“Sikwazile ukuzihlenga ngokuphepha sase siphelezela ibhasi saya egaraji lase-Engen eliseduze,” kubika
abenkampani i-Dew Force ezinkundleni zokuxhumana.
I-DFS Security, kanye nezinye izinkampani kanye ne-RTI, nayo basize ukuhlenga izimoto ezinhlanu ebezivaleleke phakathi kweqhwa futhi yanikeza ukudla nosizo ezimotweni ezingaphezu kuka-500.
Khonamanjalo, ngoMgqibelo, kushone oyedwa ngemuva kokuvaleleka eqhweni esetekisini ubusuku bonke.
Umufi uquleke enxanxatheleni yezitolo e-Merrivale ngesikhathi itekisi ima ifuna ukudla. Uphuthunyiswe esibhedlela kodwa kuthiwa uthe efika washonela khona lapho.
UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uVelenkosini Hlabisa kulindeleke ukuthi anikeze umbiko ngomthelela wesimo sezulu esibandayo ezifundazweni ezifana ne-KZN, i-Free State, e-Gauteng, kanye nase-Eastern Cape.
UHlabisa uphinde wathi kuzoba nomhlangano nabakwa-Weather Service kanye namathimba alawula izinhlekelele ukudingida ukuthi kufanele yini kumenyezelwe isimo senhlekelele ezweni.
Esithombeni ngenhla: Imizamo yokuvula umzila okhokhelwayo u-N3 e-KZN iyaqhubeka.
Umthombo: X/@TrafficSA