Everson Luhanga
Sebuphelile ubuhlungu bokuthungathwa kukaZama Maphisa izinyanga ezimbili, njengoba etholakale eshonile ngoMgqibelo eshiya ingane yakhe enezinyanga ezintathu.
Umndeni kaZama uthi ulinde izinyanga ezingaphezu kwezimbili ngethemba lokuthi uzobuya ephephile.
NgoMandulo, uZama wathathwa isoka lakhe uLefadi Chego, belibangise eMpumalanga besuka kubo e-Alexandra beyodla isidlo sasekuseni, ukuze balungise izinkinga ebudlelwaneni babo. Kodwa akazange abuyele ekhaya.
NgoMgqibelo, ukuthungathwa okude kuphele ngesikhathi kutholwa amathambo kaZama esiqiwini esiseduze kwase-Dennilton eMpumalanga.
Udadewabo kaZama uTracey Sithole utshele i-Scrolla.Africa ukuthi uChego, obhekene necala lokuthumba nokubulala, wayisa amaphoyisa lapho amlahle khona ngemuva kokumgwaza wambulala.
Ngesikhathi efika eMpumalanga, uChego wabakhombisa amathambo kaZama. Bathola izicathulo, izingubo kanye ne-weave ayeyigqokile ngesikhathi egcina ukubonakala.
“Umzala wami obegada izingane zikaZama okuhlanganisa nengane encane ubecindezelekile okuholele ekutheni alahlekelwe umsebenzi,” kusho uTracy.
NgoLwesithathu mhla zingama-20 kuMfumfu, uChego waboshwa ngemuva kokuba omunye wabafundi be-Scrolla.Africa bebone indaba yokuduka kukaZama. Babone ividiyo ethokozisayo yezikhathi zokugcina zikamama omncane zenjabulo ngaphambi kwesidlo sasekuseni esaphenduka inhlekelele.
Ngemuva kokuboshwa, uChego uzame ukuzibulala ngokuphuza ushevu ngaphambi kokuba amaphoyisa amhlome ngemibuzo.
NgeSonto eledlule, umama kaZama wafika evela KwaZulu-Natali ezolinda indodakazi yakhe ibuyele emzini wayo eGoli. Wayelindele ukubona indodakazi yakhe ingena emnyango wangaphambili futhi. Esikhundleni salokho, kufike amaphoyisa amabili ezoqinisekisa izindaba ezibuhlungu zokutholakala kwesidumbu sendodakazi yakhe.
UTracy uthe uChego wavuma emaphoyiseni ukuthi wagwaza wabulala intombi yakhe ngaphambi kokuyilahla ehlathini.
“Manje, umndeni ulinde imiphumela yolibofuzo, kanye nenqubo yamaphoyisa, ukuze sihambise udadewethu endaweni yakhe yokugcina yokuphumula.”
Udadewabo kamsolwa uJeminah Mokoana watshela i-Scroll.Africa ngoMfumfu ukuthi amaphoyisa akumele abe nozwelo kumfowabo.
UJeminah wathi umfowabo wayenezintombi eziningi, kanye nonkosikazi ekhaya.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-Gauteng uLieutenant-Colonel Mavela Masondo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa athole amathambo owesifazane eMpumalanga.
Uthe isoka likaZama eliboshiwe mayelana nokuduka kwakhe lizovela enkantolo yemantshi yase-Alexandra ngoLwesine libhekene necala lokubulala.