Ususondele umncintiswano ka-Miss SA

Farida Joyce

Umsakazi u-Anele Mdoda nguyena yedwa ozobe ephethe uhlelo lo nobuhle bakuleli kulo nyaka.

Lo mqhudelwano uzoba ngomhlaka-13 kuNcwaba e-SunBet Arena e-Time Square ePitoli.

UMdoda uthe ukugcwala kwenkundla kuzomkhuthaza ukuthi enze okusemandleni akhe ukuthi umcimbi uhambe kahle. 

“Ngijabule kakhulu ngokuthi sibuyele enkundleni egcwele abantu abaningi ngoba inkundla egcwele ilingana namazinga ami ihlale ingigqugquzela ukuthi ngisebenze kanzima ukuze ngiqinisekise ukuthi wonke umuntu uba nesikhathi esimnandi futhi ujabulile ngalobo busuku,” kusho isitatimende.

Lo msakazi unolwazi oluningi ngemicimbi efuze lena njengoba phambilini uke waba yijaji kanye nomphathi wezinhlelo.

Abesifazane abayishumi abazongenela lo mncintiswano ngu-Anarzade Omar, u-Ayanda Thabethe, u-Itumeleng Parage, uKeaoleboga Nkashe, uLebogang Mahlangu, uLuvé Meyer, uLuyanda Zuma, uNdavi Nokeri, uPearl Ntshehi kanye noTamsyn Jack.

Umcintiswano wokugcina uzosakazwa bukhoma kuMzansi Magic 161 ngehora lesithupha ntambama ngalolu suku.

Lo mncintiswano uzosakazwa nge-webcast ohlelweni lonobuhle bakuleli emhlabeni jikelele. Abahleli balo mcimbi bayazi ukuthi lo mcimbi wenziwa ngale nyanga yabesifazane, ngakho-ke isiphetho sithembisa ukuthi kuzoba umcimbi ozojabulisa abaningi.

Izihloko zakamuva