Usushisa phansi umbango obheke kwingqungquthela ye-ANC

Ukuthandwa kukaNkosazane Dlamini-Zuma kulokhu kukhula eqenjini le-ANC, kubhala uZukile Majova, kanti uMengameli uCyril Ramaphosa akumele akushaye indiva lokho.

Noma ngubani ocabanga ukuchitha uNkosazana Dlamini-Zuma  kwesikaMengameli we-ANC wenza iphutha elikhulu.

UDlamini-Zuma uhlulwe nguMengameli uRamaphosa engqungqutheleni yokukhetha ubuholi ngo-2017 ngamavoti angu-3.8% kuphela engqungqutheleni yezithunywa ezingu-4,776.

Ngaphambi kwaleyo ngqungquthela uRamaphosa uchithe imali eningi kakhulu kunoDlamini-Zuma ethenga izikibha, ehlela imibuthano, izindawo zokuhlala eziwubukhazikhazi futhi ekhokhela abamele ukhetho njengoba ehlome ngesibhamu sika-R300 million, ngokusho kombiko wakhe kuZondo. KwiKhomisjama yokulawulwa kombuso.

Abanye balinganisela ukuthi isikhwama se-CR17 siqoqe imali eyela ku-R1 billion.

Ngaleso sikhathi uRamaphosa wayebonwa izithunywa ze-ANC njengokhetho lokuqala lukaNelson Mandela lokuba nguMengameli wakusasa.

Kodwa phezu kwakho konke lokhu uDlamini-Zuma uthole amavoti angu-2,261 uma kuqhathaniswa namavoti kaRamaphosa angu-2,440.

Kusukela lapho uNkosazana Dlamini-Zuma ubelokhu ekhula, esehole isu likahulumeni lokubhekana nobhubhane lwe-Covid-19.

Ungomunye wamalungu ambalwa aphezulu e-ANC angathintekanga embikweni wolulawulwa kombuso noma enkohlakalweni ephenywa ngamanxusa ahlukene ombuso.

UDlamini-Zuma oneminyaka engu-73 ubudala kulindeleke ukuthi athembele ekwesekweni i-ANC Women’s League efuna ukuthi kukhethwe abesifazane abathathu kwabayisithipha kwi-ANC.

Njengoba engenele ukhetho ephushwa i-Radical Economic Transformation kulindeleke ukuthi athembele ekwesekweni iKwaZulu-Natal ne-Free State.

Muva nje isigungu esiphezulu se-ANC esifundazweni i-Mpumalanga sibonakala ngathi sizimisele ngokusebenzisana ne-ANC eKZN.

Izinhlaka zobuholi zalezi zifundazwe ezimbili zahlangana eThekwini ukulungiselela ingqungquthela ye-ANC ka-55.

Umkhankaso kaDlamini-Zuma wokuba sesikhundleni esiphezulu waqala kusukela ngo-2007 ngesikhathi engenela isikhundla sokuba iPhini likaMengameli njengengxenye yohlaka lukaThabo Mbeki olwahlulwa nguMengameli Jacob Zuma.

Labo abaseka uDlamini-Zuma bathi unamava kakhulu kunoRamaphosa, njengoba eke waba ngisho usihlalo we-African Union Commission.

Ulwazi lwakhe luhlanganisa ukuba uNgqongqoshe Wezempilo (ngo-1994), uNgqongqoshe Wezangaphandle (ngo-1999), uNgqongqoshe Wezasekhaya (ngo-2009), uNgqongqoshe Wehhovisi likaMengameli (ngo-2018) kanye noNgqongqoshe WezokuBusa Ngokubambisana Nezindaba Zomdabu kusukela ngo-2019.

Izihloko zakamuva