Usuqalile umshikashika wokuvotelwa kwe-SRC eTUT

Lubhalwe nguSbongile Nonyana

Isimo besishubile ngoLwesibili njengoba abafundi bevota ngosuku lokuqala lokhetho lomkhandlu omele abafundi esikhungweni semfundo ephakeme iTshwane University of Technology eSoshanguve.

Amalungu ezinhlangano zezepolitiki agxumeke amatende awo ngaphakathi nangaphandle kwesikhungo, namatafula agcwele izikibha eselungele ukuhanjiswa ngemuva kokusiza abafundi ukuthi bavote nge-inthanethi.

Isu lamaqembu bekuwukunikeza umfundi ngamunye isikibha ngemuva kokuvota.

Abafundi benhlangano ehambisana ne-IFP, iSouth African Democratic Students Movement, babumbe amaqembu ekuseni baya ezindlini ezingaphandle kwesikhungo beyogqugquzela abafundi ukuthi bavote.

I-EFF Student Command ibidlala izingoma zomzabalazo emotweni ngesikhathi abafundi bedansa, abanye begqoke izikibha zamaqembu aphikisayo.

Uphiko lwentsha lwe-MK kaJacob Zuma, i-MK Youth League, lugxumeke itende eduze kwesango ngenhloso yokuheha abafundi abafikayo.

Inhlangano yabafundi i-Democratic Alliance ithwale kanzima ngoba yize ibinazo izikibha eziningi abafundi bebengazinakile.

I-Student Christian Organization ibingabonwa nangokhalo, nakuba yayithole amavoti abafundi esikhathini esidlule.

Amavolontiya e-ActionSA ashiye itafula ntambama ngenxa yokuthi akekho umfundi oke wazovota.

Kamuva, amalungu eSouth African Students Congress ehambisana ne-ANC angene esangweni, ecula izingoma zomzabalazo, eqonde ezindaweni ezihlala abafundi esikhungweni.

Kodwa-ke ngesikhathi sebebuya, leli qembu belingenawo umfutho ofanayo ngoba abafundi abaningi bese bevotele ezinye izinhlangano.

Ngehora lesishiyagalombili ebusuku, abafundi abangu-5,226 kwabangu-18,728 (cishe u-28%) wabafundi e-TUT bese bevotile. Ukuvota kuyaqhubeka kuze kube ngoLwesine ebusuku.

Esithombeni esingenhla: Itende le-MK ngesikhathi sokhetho.

Umthombo : USbongile Nonyana

Izihloko zakamuva