USupra Mahumapelo uxoshwe emhlanganweni obusePhalamende

Lungani Zungu

USupra Mahumapelo wake waba ngusopolitiki onamandla, kodwa manje ubonakala sengathi ulahlekelwe ukwesekwa okukhulu esifundazweni sase-North West.

NgoMsombuluko, uMahumapelo ukhishwe emhlanganweni obusePhalamende, obuwenzelwe ukuzodingidwa ngokungenelela kukahulumeni kwe-Section 100 e-North West.

Ube esetshela i-Scrolla.Africa ukuthi ngemuva kwalokho uthukuthele wagana unwabu wabe esethumela isexwayiso kunoma ngubani ocabanga ukuthi angamhlukumeza.

“Abantu bathatha ukungizonda kwabo baye emakomidini ePhalamende behlose ukuxazulula izinkinga e-North West,” esho.

UMahumapelo, umsekeli othembekile walowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma, uxoshwe emhlanganweni yimbangi yakhe yezepolitiki, uChina Dodovu, ongusihlalo wekomidi lesikhashana elidingida le nkinga e-North West.

Uthe uMahumapelo: “Onke amalungu ePhalamende avunyelwe ukuya kunoma yimuphi umhlangano wekomidi. Lokhu okwenziwe nguDodovu akulungile kumele akhuzwe.”

UMahumapelo akamenywanga emhlanganweni.

Leli komidi beliholwa nguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma.

Ngenkathi uDodovu naye ongawase-North West, etshela uMahumapelo ukuthi ashiye umhlangano, uzamile ukulwa, kodwa wonke amalungu ekomidi amtshela ukuthi akaphume.

Uphume eyindoda enolaka emhlanganweni.

Ikomidi lesikhashana lasungulwa ngowezi-2018 ngemuva kwemibhikisho yomphakathi eyayinesiphithiphithi elwa noMahumapelo, okwaholela ekutheni ashiye esikhundleni njengoNdunankulu wase-North West.

Ukwesula kukaMahumapelo kwenzeka ngemuva kokuthi uZuma ephoqeleke ukuthi ashiye esikhundleni sokuba ngumengameli wezwe.

UMahumapelo ulwa nokumiswa kwakhe iminyaka emihlanu yiqembu elibusayo ngemuva kokuba ebenomcimbi ofanayo ngesikhathi sokhetho lokuchibiyela ngonyaka odlule.

Izihloko zakamuva