Lungani Zungu
USupra Mahumapelo angeke avume ukuhlehlela emuva ngaphandle kwempi – kodwa ingabe umzamo wakhe wokugcina ukuguqulwa kokumiswa kwakhe emsebenzini uzophumelela?
Utshele i-Scrolla.Africa, ukuthi udlulise isinqumo sokumiswa kweminyaka emihlanu yobulungu bakhe be-ANC kukomidi lokuqondiswa kwezigwegwe le-ANC ngoLwesithathu.
Ngeke futhi aye kowayenguMengameli wezwe uThabo Mbeki ayothola ukuqeqeshwa njengoba kuphakanyiswe yikomidi.
“Asikho isizathu sokuya ku-Comrade uThabo Mbeki. Lesi siphakamiso sibanga ukungahloniphi owayengumengameli kanye nami uqobo. Ngeke ngiye kuye,” kusho yena.
Ukumiswa kwakhe kuza ngaphambi kwengqungquthela ebhekwe ngabomvu yokukhetha ubuholi ehlelelwe uZibandlela ozayo.
UMahumapelo ungumngani osondelene nowayengumengameli wezwe uJacob Zuma kanye no-Ace Magashule.
Igama likaMahumapelo selivele lisohlwini lwesikhundla sikaMagashule sokuba nguNobhala-Jikelele, uma uMagashule engenela isikhundla sokuba nguMengameli ngonyaka ozayo.
Bobabili laba baholi abakasho ukuthi bazolungenela yini ukhetho.
Ubekhuluma namagatsha e-ANC e-North West izolo, okuyisifundazwe ake wasihola njengoNdunankulu nosihlalo we-ANC. Abalandeli bakhe bebembiza njengoNobhala-Jikelele we-ANC olandelayo.
“Lesi akusona isikhathi sokukhuluma ngezikhundla ngaphambi kwengqungquthela. Masilinde iqembu lize livule uhlelo lokuqoka abantu,” kusho yena.
Uma ikomidi eliqondisa ubugwegwe kuzwelonke lisichitha isicelo sakhe, uMahumapelo kuzofanele alinde iminyaka emihlanu ukuze abe yilungu elikhuthele leqembu elibusayo futhi.
“Uma lokhu kungelona iqhinga lamabomu elenziwa ngabanye ukuqeda izitha zabo zangaphakathi, angazi-ke ukuthi yini,” esho.
Akadalulanga ukuthi obani abantu abafuna ukumphonsa ehlane lezepolitiki.
Uthe uzoqhubeka nokuba yilungu lePhalamende le-ANC kuze kube ikomidi eliqondisa ubugwegwe kuzwelonke likhipha isinqumo.
UMahumapelo wamiswa kanye nobambe njengonpbhala wabesifazane be-ANC esifundazweni, uBitsa Lenkopane.
Babhekene namacala okungaziphathi kahle ngemuva kokusolwa ngokuqhuba umcimbi ofanayo ngesikhathi semikhankaso yokhetho lokuchibiyela e-North West ngonyaka odlule.
Lo mbuzo uzophendulwa ezinsukwini, emasontweni noma ezinyangeni ezizayo.