Usuphinde waphuka umshini wakuleli wokunyathelisa izincwadi zokushayela 

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Bambelela emotweni yakho ngoba umshini wakuleli wokunyathelisa izincwadi zokushayela usuphinde waphuka.

UMnyango wezokuThutha ukuqinisekisile ukuthi umshini owodwa wokunyathelisa izincwadi zokushayela kuleli uphukile.

UMnyango wezokuThutha ukuqinisekisile ukuthi lo mshini uphukile futhi uzohlala amasonto amabili kuya kwamathathu ungasebenzi.

Phakathi komhla zinhlanu kuya kumhlaka-19 kuMbasa umshini ubulungiswa. Kodwa-ke, umnyango uthe “ngemuva kwalokho ithimba lezobuchwepheshe lihlangabezane nokuwohloka kwezobuchwepheshe okudinga ukushintshwa kwengxenye ebalulekile yomkhiqizi wezinto zokuqala.” 

Nyakenye ngoMasingana umshini owaphuka wadala ukubambezeleka kwezinyanga ukuthi kukhishwe amalayisensi kanti owayenguNgqongqoshe wezokuThutha, uFikile Mbalula wathi umshini ukhandwa eJalimane kuphela.

Kodwa ungakhathazeki; kulokhu umnyango uthi ngeke kuthathe isikhathi eside ukulungisa lo mshini. Uze waqinisekisa umphakathi ukuthi ukukhiqizwa kwamakhadi ezincwadi zokushayela ngeke kuthikamezeke ngokulungiswa okujwayelekile komshini okhiqiza amakhadi.

Ukwengeza kulokhu nyakenye owayenguNgqongqoshe wezokuThutha uMbalula wathembisa ukufakwa kwezici ezintsha kanye nokuthenga imishini emisha yokunyathelisa enokwethenjelwa. Kodwa-ke, namanje lokho akukenzeki.

“Ngakho uMnyango usukhuthaze amalungu omphakathi ukuthi aqhubeke nokufaka izicelo zokuthola amakhadi ezincwadi zokushayela njengokujwayelekile,” kusho umnyango.

Nanyakenye uMbalula wathi izici ezintsha zokuphepha zizokwengezwa emakhadini amasha okushayela wathi ukwethulwa kwawo kuzofika nemishini emisha yokunyathelisa ethembeke kakhulu.

Lokho akukenzeki futhi uMbalula usenguNobhala Jikelele we-ANC futhi akekho kuhulumeni.

Izihloko zakamuva