Lungani Zungu
Abaphathi bakamasipala i-Enoch Mgijima ngaphansi kwe-ANC banikezwe izinsuku ezimbili ukuba bachaze ukuthi bayenzeni imali eyizigidi ezi-15 zamarandi endaweni esezingeni lesibili e-Lesseyton Spoet Facility.
UXolile Nqatha, uNgqongqoshe wezokubusa nokubambisana kanye nezindaba zomdabu e-Eastern Cape, uhambele le ndawo ngoLwesine ngemuva kokukhala komphakathi ngokusetshenziswa kwemali eyizigidi ezi-15 zamarandi yabakhokhi bentela ukwakha inkundla.
Inkundla ye-state-of-the-art ivulekile, amabhentshi awamboziwe kanye namathrekhi amakwe kabi esayidini. Le nkundla inezindlu zangasese namagumbi okushintsha akhiwe ngentengo ephansi.
Abaningi bathi indlela okwakhiwe ngayo le nkundla ayifani nemali abathe bayisebenzisile.
UNgqongqoshe uNqatha uyavuma.
“Uma ubuka le nkundla akukhombisi ukuthi basebenzise imali. Bonke laba ababandakanyekile banikezwa amahora angama-48 ukuba bachaze ukuthi bayenzeni imali,” kusho uNqatha.
“Ngizizwa nginamahloni ngokubiza le nkundla nge-state-of-the-art ngendlela eyakhiwe ngayo,” kusho uNqatha.
Kube nengxokozelo enkulu kugxekwa izikhulu ngesikhathi bethula lokhu.
UNqatha uthe uzokhuluma noNdunankulu u-Oscar Mabuyane uma ngabe abaphathi abaphenduli ngemuva kwamahora angama-48.
“Kukhona isandla semfene la. Kodwa sizofika emaphethelweni alolu daba, laba abahlangene nalokhu bazozithola besenkingeni.
Noma kunjalo, okhulumela umasipala uLonwabo Kowa umile ekutheni kusetshenziswe imali eningi ekwakheni inkundla.
“Sizobala yonke imali esetshenzisiwe ukwakha inkundla sakhela izindawo zasemakhaya eziyisithupha,” kusho uKowa.
Uthe inkundla isebenzise ucingo olubiyele amamitha ayizi-780, futhi kule inkundla kwenziwe indawo yebhola lombhoxo, ibhola likanobhutshuzwayo, i-rock blasting, ukuqhuma kwamatshe, kanye ne-layer works.
UKowa uthe inhloso yokwakha inkundla, ukuhlinzeka umphakathi ikakhulukazi abantwana abasebancane, ngendawo engakwazi ukuthwala abantu bezigodi eziyisithupha ezahlukene.
Iqembu le-EFF selivule icala lobugebengu belivulela abaphathi.
“Kunezimpawu ezisobala ezikhombisa ukuthi imali isetshenziswe kwenye indawo noma benze inkohlakalo futhi siyathemba uhlelo lobulungiswa ukuthi bazolithola iqiniso,” kusho iqembu kwisitatimende.