Usule isigubhukane owesiteshi

Celani Sikhakhane

Wesulile esikhundleni umphathi wesiteshi samaphoyisa e-Norwood eGoli.

Lokhu kuza ngemuva kokuthi ucwaningo loKlebe luthole ukuthi izibhamu ezingu-158 zebiwe egumbini lobufakazi.

NgoLwesine uColonel Phetole Mahasha wesule esikhundleni kanti kulindeleke ukuthi ngesonto elizayo kuqokwe umphathi wesiteshi omusha.

Kuvele ukuthi lesi siteshi silahlekelwe yinqwaba yezibhamu embikweni owethulwe ngeledlule.

Samsung Galaxy 14G

Lo mbiko uholele ekutheni ikomiti lePhalamende lakwa-SAPS lifune izimpendulo futhi lithathele abathintekayo izinyathelo.

Ikomiti elibhekela ukusebenza kwamaphoyisa lifuna kushintshwe abaphathi besiteshi njengoba kuvela izinsolo zokuthi kukhona izikhulu eziphezulu zamaphoyisa ezithintekayo ekuntshontshweni kwezibhamu kulesi siteshini.

Lezi zibhamu kubikwa ukuthi zaduka esiteshini ngo-2020 kodwa isiteshi samaphoyisa saze sabona ukuthi azikho ngesikhathi ukubulawa kwephoyisa kumataniswa nesibhamu okwakufanele ngabe sisegumbini lokugcina ubufakazi esiteshini.

Scrolla World Cup Quiz