Usuku oluyihlazo emlandweni waseNingizimu Afrika

Kamogelo Muvhenzhe

Kusukela ngosuku owayengumengameli wezwe uJacob Zuma egwetshwa izinyanga eziyishumi nanhlanu ejele, abalandeli bakhe basabisa ngokuthi bazoqala impi.

Kodwa ngesikhathi lowo owayengumbusi ezinikela kwabezokuhlunyeleliswa kwezimilo ukuqala isigwebo ngoLwesithathu olwedlule, akwenzekanga lutho. Izinsongo azinakwangwa futhi zathathwa njengehlaya nje.

NgeSonto, imibhikisho ye-#FreeZuma iqale KwaZulu-Natali. Ngokushesha ibe isisabalala eGoli nakwezinye izingxenye zase-Ekurhuleni.

Kusukela ngoMsombuluko, sekubulawe abantu abayisikhombisa, okubalwa kubo ingane encane kanye nesiboshwa ebisazama ukweqa ejele ngenkath iziboshwa zokhela ijele ngomlilo eKZN.

Izinxanxathela zezitolo ziphangiwe, kanti ezinye zishisiwe nokungaphazathi ngomthetho kwabonakala kusabalala ngokushesha kuso sonke isifundazwe saseKZN.

Isishoshovu esiphambili kanye nomsunguli womkhankaso we-Treatment Action uZackie Achmat udlulise ukudumala kwakhe enkundleni yokuxhumana.

Ngamazwi akhe, ubhale wathi: “Asikho isizathu salokhu ngaphandle kwabantu abaningi abazimisele ukudala isiphithiphithi. Ngakho-ke lolu dlame olungenangqondo luzophela kabhlungu. I-RET ayibhekeleli izimfuno eziphathelene nendlala,” esho.

Amabutho e-RET ngabalandeli bakaZuma abaqambe iqembu labo i-Radical Economic Transformation, futhi bafuna uZuma adedelwe ejele.

Kodwa kubukeka sengathi labo ababhikishayo bakwenza ngenxa yendlala hhayi ngoba befuna ukukhipha uZuma ejele.

U-Achmat uchaze okwenzeka ezweni – “njengehlazo” kanye nemizamo yokuketula uhulumeni, ebhebhethekiswa yindlala, ukugula kanye nokungasebenzi.

Ubuye wabeka lokho athe kungaba izingozi ezingaba khona zalokho okwenzekayo manje.

Udlame lobuhlanga, ikakhulukazi olubhekiswe kumaNdiya kodwa nolwabaMhlophe lungavela. Ukuhlaselwa kwabantu abamnyama abavela kwezinye izifundazwe ngaphandle kwaseKZN nakho kungenzeka kube enye yezizathu.

Ukwehla kwamandla emali kungenzeka kuholele ekupheleni kwemisebenzi yabantu.

Abalandeli be-IFP angeke bame babukele, bangahle bahlasele iqembu likaZuma njengoba ukuphazanyiswa kokuthengwa kwempahla kuholela ekusweleni ukudla futhi kudale indlala.

U-Achmat uthi maningi amathuba okuthi abacebile nabaphakathi bashiye izwe kungakhathalekile ukuthi bangubuphi ubuhlanga. Lokhu uthi kuzoholela ekulahlekelweni yimali namakhono adingeka kakhulu.

NgoLwesibili, kutshalwe i-South African National Defence Force eKZN nase-Gauteng ukulawula imibhikisho.

Izihloko zakamuva