Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
Ngesikhathi uJohanna Lebaka enquma ukuhlukana nesoka lakhe asethandane nalo isikhathi esingaphezu konyaka ngosuku lwezithandani, isoka lakhe linqume ukuthi uma lingakwazi ukuthandana naye akekho omunye ozothandana naye.
Isoka (50) lalifuna ukushaya lona wesifazane (40) ngendlela ebizomshiya nesibazi sangunaphakade – lase limthela nge-acid ebusweni nasemzimbeni.
Umenzi wobubi usebenzise uketshezi olusetshenziswa ukukhuculula izindlu zangasese zomgodi eDuduza, Ekurhuleni.
Amehlo kamufi avikelwe izibuko abezigqokile ngesikhathi kwenzeka isigameko kodwa ubuso bakhe bushe kabi.
Ngemuva kwalokhu kuhlasela okunyantisayo umsolwa ube esezama ukuzibulala ngokuphuza i-acid esele.
Ngaleso sikhathi kungene ufakazi oye wamvimba kwase kuba umshikashika umsolwa efuna ibhodlela.
“Kudingeke ukuthi ngenze izinto ngokushesha kodwa ngebhadi ubesevele eyigwinyile encane. Umsolwa uphinde walimala nasebusweni ngesikhathi sesigameko,” kusho uPaul Makubetsi ongufakazi.
Lezi zithandani ziphuthunyiswe emtholampilo wendawo. Badluliselwe esibhedlela i-Pholosong futhi basesimweni esibucayi.
UMakubetsi uqhube wathi unovalo lokuthi umsolwa ngeke esakwazi ukusebenzisa isandla esisodwa ngoba uyazi ukuthi i-acid iyingozi kangakanani.
Indodana kaJohanna, uTshepang Lebaka utshele i-Scrolla.Africa ukuthi unina uye waphuma nomfowabo omncane beyothenga amagwinya esitolo sendawo kodwa ngemuva kwesikhashana umuzwe ememeza ecela usizo.
“Ngesikhathi ngiphumela ngaphandle ngiyobheka ukuthi kwenzakalani ngibone belwa ngangaqonda ukuthi balwelani ngoba umsolwa uyindoda enokuthula. Umsolwa uye wabamba umama ngemuva wakwazi ukumthela nge-acid. Simzwile ekhala ethi uyasha samphuthumisa emtholampilo oseduze,” esho.
Okhulumela amaphoyisa aseDuduza uSayitsheni Nothando Mahlangu ukuqinisekisile ukuthi baphenya icala lokuzama ukubulala.
“Umsolwa uboshiwe futhi ugadwe ngamaphoyisa kanti uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Nigel uma esephumile esibhedlela,” esho.
Esithombeni esingenhla: Ufakazi ozibonele ngawakhe uPaul Makubetsi
Umthombo wesithombe: Doreen Mokgolo