Everson Luhanga
Izenzo zomusa beziwumkhuba wosuku ngeSonto emiphakathini ezweni lonke.
E-Alexandra, abantu bahlanze izitolo ezinkulu ezimoshwe ngabaphangi, ngenkathi abanye bevakashela ikhaya lapho uMandela ake ahlala khona egumbini elingemuva.
Iqembu labesilisa nabesifazane abazibiza nge-30 Strong Voices of Alex linikele ngamaphasela okudla amaningi kubantu emphakathini wabo.
Omunye wabathole la maphasela bekungumndeni wabantu abayisishiyagalolunye abahlala emjondolo onegumbi elilodwa.
UTshidi Sekgobela uthe uhlala nomyeni wakhe nezingane eziyisikhombisa nabazukulu. “Akekho umuntu osebenzayo endlini futhi sidonsa kanzima nsuku zonke.”
UTshidi oneminyaka engama-59 uthe babonga ngenhliziyo yonke umusa nosizo abalunikwa ngabantu abasuke bebafisele okuhle ababasizile.
“Sibonga iqembu lenu ngokucabanga ngomndeni wami ukwamukela amaphasela okudla,” esho.
Okhulumela leli qembu, uSimon Sekhitla, uthe i-30 Strong Voices of Alex izoqhubeka nokushintsha izimpilo zabantu ngezindlela eziningi ezahlukene emphakathini wase-Alexandra.
KuMasipala wesiFunda sase-Sedibeng, uNgqongqoshe Wezokuthutha Komphakathi kanye Nengqalasizinda Yezemigwaqo uJacob Mamabolo uhlanze umgwaqo nerenki yamatekisi ngemuva kokuthi osomatekisi bemcele.
Ubuye wengeza ukuthi Usuku lukaMandela lusebenza njengesicelo sokuthi abantu emhlabeni wonke basebenzise okungenani imizuzu engama-67 benza izinto ezinhle emiphakathini yabo.
UMamabolo uphinde wabonga kubanikazi bamatekisi ngokuthatha uhlangothi lwabo ekuvikeleni izinxanxathela zezitolo kanye nengqalasizinda, nangokuma nomphakathi ngokulwa nabaphangi.