Usuku lokwahlulela lukaJacob Zuma eNkantolo Yomthethosisekelo

Dylan Bettencourt

“Usuku lokwahlulela ngoLwesibili, mhla zingama-29 kuNhlangulana ngehora le-10 ekuseni. Ngabe owake waba nguMengameli wezwe uJacob Zuma unecala lokwedelela inkantolo futhi uma kunjalo, yisiphi isijeziso esimfanele?”

Lawa ngamazwi avela ekhasini elisemthethweni le-Twitter leNkantolo Yomthethosisekelo.

Lesi sinqumo silandela ukwenqaba kukaZuma ukuhlonipha amasamanisi akhe asenkantolo ngoMasingana, ngemuva kokuthi iNkantolo yoMthethosisekelo ikhiphe isinqumo sokuthi kumele avele phambi kweKhomishini Ephenya ngokulawula kombuso ukuze afike aphendule imibuzo.

IPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo lathi ezinyangeni ezintathu ezedlule, ukwehluleka kukaZuma ukuhlonipha amasamanisi kufanele kuholele ekutheni uZuma oneminyaka engama-79 aboshwe futhi avalelwe ejele iminyaka emibili.

UZuma kwakumele avele phambi kwekhomishini mhla zi-15 kuya kumhla zi-19 kuNhlolanja, kodwa incwadi evela kubammeli bakhe yathi ngeke avele ngoba lowo owayengumengameli usalinde isinqumo sesicelo sakhe sikhishwe iNkantolo eNkulu yasePitoli ephikisa isikhundla sePhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo.

Impi esinesikhathi eside iphakathi kweziphathimandla zezomthetho zaseNingizimu Afrika noJacob Zuma izoqhubeka njengoba isizwe silindele isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo.

INkantolo eNkulu yase-Gauteng iphinde yanika iKhomishini ezinye izinyanga ezintathu ukuthi iphothule uphenyo lwayo lweminyaka emithathu mayelana nokulawulwa koMbuso.

Lesi sinqumo sikhishwe yiJaji uSelby Baqwa ngoMsombuluko lapho athe khona uthole ukuthi umsebenzi weKhomishini ukusiza umphakathi.

Kuzovunyelwa abantu abangama-20 kuphela ekulalelweni kwesinqumo kubandakanya nabezindaba.

Umthombo wesithombe: @eNCA

Izihloko zakamuva