Usuku lokuzalwa oluhle kumbhishobhi uDesmond Tutu!

Lungani Zungu

Ubhishobhi omkhulu owaziwa izwe lonke u-Emeritus Desmond Tutu uhlanganisa iminyaka engama-90 njengoba kuwusuku lwakhe lokuzalwa ngoLwesini. 

Lo mbhishobhi owake wahlabana nomklomelo we-Nobel Peace Prize uzobungaza usuku lokuzalwa nezingane zakhe, abazukulu, kanye nesizukulwane sakhe eKapa lapho ehlala khona nonkosikazi wakhe uLeah. 

“Amanye amalungu omndeni avakashele eKapa njengoba beyobungaza usuku lokuzalwa kwakhe, amadodakazi amabili ahlala phesheya kwezilwandle uNaimo, uMpho kanye nodadewabo uGloria oqhamuka e-Krugersdrop,” kusho I-Desmond and Leah Tutu Foundation esitatimendeni abasibhalile. 

Isifundo seshumi nanye esibanjwa minyaka yonke esikhombisa ukuthula emazweni wonkana sizobanjwa ngoLwesine ku-inthanethi njengengxenye yokubungaza usuku lwakhe lokuzawa. 

Abazokhuluma kukhona uDalai Lama, owayenguMengameli wase-Irish, uMary Robinson, usihlalo we-The Elders uGraca Mache kanye nowayengumvikeli womphakathi ummeli uThuli Madonsela. 

Igama likaTutu lisezincwadini zomlando wesizwe ngendima ayidlalile ekulweni nenqubo yobandlululo nokulwela ukuthula eNingizimu Afrika, isizwe esabhekana nobandlululo ngokohlanga. 

Ngendima ayidlala uTutu njengoba esathatha umhlalaphansi ngonyaka wezi-2010, wakomeliswa nge-Nobel Peace Prize ngonyaka wezi-1984. 

Ngesikhathi isizwe singena ekusebenziseni umthetho wentando yeningi ngonyaka wezi-1994, uTutu akayekanga ukugxeka iqembu le-ANC aphinde akhulume ngalo ngendlela azizwa ngayo ikakhulukazi iqembu lisaphethwe owayenguMengameli uJacob Zuma. 

Wakhuluma ngokucasuka ngesikhathi kusaphethe uZuma ngemuva kokuthi uDalai Lama wanqatshelwa ukunikezwa incwadi emgunyaza ukuthi angene eNingizimu Afrika waphoqeleka ukuba ahoxise uhambo lwakhe ngonyaka wezi-2012.

“Ngiyakuxwayisa ngenhliziyo emnene nenothando. Ngiyakuxwayisa njengoba ngaxwayisa ubuzwe. Ngiyakuxwayisa. Ngelinye lamalanga sizokhulekela ukuhlulwa kukahulumeni weqembu le-ANC,” washo njalo. 

“Uyadelela. Ngifuna ukukuxwayisa. Uziphatha ngendlela ehlukile ezintweni ebesizimela.”

UMengameli uCyril Ramaphosa ungomunye ofisele ubhishobhi uTutu usuku oluhle lokuzalwa. 

“Kwesinye isikhathi uma sizithola sesiphuma endleleni, uyakwazi ukusibuyisela. Cishe amashumi amathathu eminyaka uyiphimbo likanembeza, osisekelayo uphinde usigqugquzele ukuba senze okungcono kubantu bakithi,” kusho uRamaphosa.

Ubhishobhi uTutu ubengusihlalo wekhomishini leqiniso nelokubuyisana, elaliphenya amacala enzeka ngesikhathi sobandlululo. 

Wazalelwa e-Klerksdorp, esifundazweni sase-Noth West ngonyaka wezi-1931, kwathi ngokuhamba kwesikhathi wasebenza njengomfundisi ngemuva kokuba athathe izinyathelo zokuba umfundisi ngonyaka wezi-1960.

Simfisela usuku lokuzalwa oluhle umbhishobhi, sengathi ungabusiswa ngezinye izinsuku zokuphila!

Izihloko zakamuva