Usuku lokhetho lwakuleli selubekiwe

Ngemuva kokuxoxisana nekhomishana ezimele yokhetho (i-IEC), uMengameli uCyril Ramaphosa usememezele usuku lokhetho lwalo nyaka: ngoLwesithathu ngomhlaka-29 kuNhlaba.

Isitatimende seHhovisi likaMengameli esishicilelwe ngemuva kwehora lesikhombisa kusihlwa ngomhlaka-20 kuNhlolanja sithe uRamaphosa ubize umhlangano nabo bonke oNdunankulu bezifundazwe abayisishiyagalolunye kanye ne-IEC ukudingida ngesimo sokulungela ukhetho.

“Ukhetho lwakulo nyaka luhambisana nokubungaza iminyaka engu-30 yenkululeko nentando yabantu kuleli. Ngakho-ke, uMengameli uRamaphosa ucela bonke abavoti abafanelekile ukuthi babambe iqhaza ngokugcwele kulesi sigameko esibalulekile nesiwumlando wekhalenda lethu lentando yeningi.

“Ngaphandle kokugcwaliseka kwesibopho sethu somthethosisekelo, lolu khetho oluzayo luwumkhosi wokugubha uhambo lwethu lwentando yeningi kanye nokuzimisela ngekusasa sonke ebesilufisa,” kusho isitatimende.

UMengameli unxuse bonke abazobe bekhankasa ukuthi bakwenze lokhu ngokuthula, belandela umthetho ngokugcwele.

“Sinxusa nalabo abangabhalisile ukuthi basebenzise inkundla yokubhalisa nge-inthanethi ukuze babhalise,” kusho uRamaphosa.

Isimemezelo sokumemezela ngokusemthethweni usuku sizokhishwa ngokuhamba kwesikhathi.

Lubhalwe nguMbhali we-Stuff

Esithombeni esingenhla: UMengameli ucela bonke abantu bakuleli ukuthi bavote.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva