Usukhethe ukulwa nobugebengu umphakathi waseLusikisiki

Lubhalwe nguThabisa Ndzindzwa

Umphakathi wase-Lusikisiki usunqume ukusukumela phezulu udaba lokulwa nobugebengu endaweni.

NgoLwesithathu bethule inhlangano yomphakathi elwa nobugebengu ehlanganisa amalungu omphakathi nosomabhizinisi kanti ibizwa nge-Lusikisiki Safety Committee (Lusco).

Inhloso yalokhu ukulwa nobugebengu obunodlame  nokubulawa kwabantu. 

Isiteshi samaphoyisa kule ndawo sisendaweni yesithathu eziteshini zamaphoyisa ezingu-30 ezihamba phambili ezinamacala okuhlukunyezwa ngokocansi kuzwelonke kanti sihamba phambili e-Eastern Cape.

Nokho wonke umuntu ubexakekile ngokungabi khona kwamaphoyisa emcimbini obubaluleke kangaka.

UColonel Siyabulela Kufa wesiteshi samaphoyisa e-Lusikisiki uthe bazoseka noma iziphi izinhlaka zokuphepha futhi bakulungele ukusebenzisana nazo.

“Sabatshela ukuthi kufanele babhalele uMnyango wezokuPhepha incwadi ukuze balawulwe inkundla ye-poling forum noma balandele ezokuphepha komphakathi, okuyinto abahlulekile ukuyenza bajaha ukwethula uhlaka lwabo ingakho singakwazi ukuba ingxenye yokwethula kwabo inhlangano ezovikela umphakathi.

Inkinga nathi asizilawuli, kodwa silawulwa umthetho woMnyango wesifundazwe,” etshela i-Scrolla.Africa.

Uthe lo mkhankaso usuqalile futhi bayathemba ukuthi umphakathi uzobamba iqhaza ngoba amaphoyisa awakwazi ukuqeda ubugebengu ewodwa.

“Namaphoyisa afakaza ngamazwi awo ukuthi angeke akwazi ukusilawula, kwabonakala nangesikhathi sokuzitapela ezitolo okwenzeka ngoNtulikazi ngonyaka ka-2021 e-KZN ngesikhathi amaphoyisa ehluleka ukuvimba abantu kodwa uma umphakathi usebenzisana namaphoyisa sizokwazi ukunqoba.”

UMnu Zwelidumile Maphamela, oyilungu le-Lusco uthe bagqugquzela ukuthi osomabhizinisi balandele imithetho kaMasipala ukuze uma kufika isikhathi bangaxoshwa ngoba bebeke amabhizinisi abo endaweni engaphansi kukaMasipala.

ISilo sesizwe samaMpondo uDaluxolo Sigcau sigxeke udlame lomphakathi olwenzeka ezigodini ezahlukene.

“Ngiyanicela sizwe samaMpondo ukuthi sibumbane ekulweni nobugebengu, akwamukelekile ukugqugquzela ubugebengu obunenzondo kwesinye isikhathi buhambisana nepolitiki futhi akumele sichithe igazi singabantwana bomuntu oyedwa,” kusho iSilo samaMpondo.

Khonamanjalo iMeya kaMasipala Ingquza Hill, uNonkosi Pepping wenqabile ukuphendula imibuzo ye-Scrolla.Africa wathi unomunye umhlangano azowuhambela.

Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe uthe uMasipala uyakweseka ukusungulwa kwalolu hlaka.

Osesithombeni esingenhla: Amalungu enhlangano yomphakathi elwa nobugebengu (Lusco) ngesikhathi kwethulwa uhlaka lwawo

Umthombo wesithombe: UThabisa Ndzindzwa

Izihloko zakamuva