Sithatha leli thuba ukubonga wonke umuntu ongenele umncintiswano wethu othi “The Color of Love” kula masonto ambalwa edlule.
Sikujabulele kakhulu ukwamukela izindaba eziningi kangaka ezivela emazweni wonke ezikhuluma ngothando nombala wesikhumba.
Abahleli bethu bezindaba abaholwa umhleli ophethe uThabiso Sekhula, bachithe amahora amaningi befunda zonke izindaba ezingenile futhi njengamanje umncintiswano usuvaliwe ngokusemthethweni.
Sijabule ngenani elikhulu labantu abangenele umncintiswano futhi sifuna ukuthatha ithuba sibonge abantu ngokwabelana nathi izindaba zabo. Uma sizifunda ziyasikhuthaza kakhulu futhi sinethemba lokuthi zizoqhubeka nokukhuthaza abanye abantu.
Emavikini ambalwa alandelayo, amjaji ethu azocubungula ngokucophelela zonke izindaba ezifakiwe bese simemezela owinile maduzane. Ophumelele uzothola u-R250 we-airtime kanti indaba yakhe izoshicilelwa ku-Scrolla.Africa ukuze ifundwe umhlaba wonke. Kanti abalandelayo nabo izindaba zabo zizoshicilelwa kwikhasi lethu.
Siyaphinda futhi sithatha leli thuba ukubonga wonke umuntu ongenele umncintiswano wethu. Sithintekile ngezindaba zenu zothando ezikhuluma nangebala lesikhumba futhi sibonga ukuthi sithole ithuba lokuzifunda. Hlala ulindele kuze kumenyezelwe owinile!