
Sizwe Sibiya
Emuva kokusingatha uMiss Albinism waseNingizimi Afrika wokuqala ngqa ngonyaka odlule, umsunguli womncintiswano uGodfrey Mphatswe umema onobuhle abaphila nebala elimhlophe ukuthi bangenele umncintiswano wesibili waminyaka yonke.
I-Godfrey Mphatswe Foundation iqophe umlando ngonyaka odlule, ngokuthwesa umqhele wokuqala ngqa uMr noMiss Albinism eNingizimu Afrika: okwaba nguLerato Sethibe wase-Free State, kanye noBrain Makhubela wase-Mpumalanga emcimbini owawubukhazikhazi owawuhlelwe e-Victory Theatre e-Houghton, eGoli.
USethibe noMakhubela bazoba ngamajaji omqhudelwano walo nyaka.
UMphatswe, owaphinde wabizwa ngoMr International Africa 2020 ngabagqugquzeli bomcimbi kaMr Nigeria International, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi umcimbi walo nyaka uzobe umkhulu futhi ungcono njengoba ehlele ukusingatha isiqephu sesibili sikaMiss Albinism eKapa.
“Kulo nyaka sizosebenzisana ne-Isango Elihle inhlangano yaseKapa eyeseka. abane-albinism, futhi sizosebenzisana senze isiqiniseko sokuthi umncintiswano uya eKapa,” kusho uMphatswe.
Ophumelele kowamanqamu ka-Mr SA 2016 ucela uxhaso ezinkampanini nakubantu kanye nasezweni lonke ukuze basize ekwenzeni lo mqhudelwano ube impumelelo enkulu.
“Lo umqhudelwano kazwelonke ngakho-ke sihlela ukuzungeza iNingizimu Afrika yonke. Sicela uxhaso eNingizimu Afrika yonke ukuze kube impumelelo esikwenzayo,” kuchaza owaphumelela ngonyaka ka-2016.
“Ukungenela umncintiswano sekuvuliwe futhi kuzovalwa ngomhlaka-30 kuMbasa kuzwelonke kanti imininingwane eyengeziwe izomenyezelwa ngokuhamba kwesikhathi kule nyanga.”