USthandiwe Mpofana uqala uhambo olusha yedwa

Sizwe Sibiya

Ngemuva kokushiya iqembu elidumile labesilisa bodwa lomculo wezokholo, Abathandwa, uSthandiwe Mpofana ushumayela iVangeli ngempumelelo ngomculo eyedwa.

USthandiwe owazalelwa e-Port Shepstone futhi ngokuhamba kwesikhathi wathuthela e-Newcastle enyakatho neKwaZulu Natali, isikhathi esiningi seminyaka yakhe yobuntwana wayichitha eMlazi, lapho uthando lwakhe lomculo wokholo lwakhula khona.

Lo mculi usanda kukhipha ingoma esihloko sithi “Ungizwile Nam”.

Kuleli culo, uMpofana ujoyinwa elinye iqhawe endimeni yomculo wokholo, uBabo Ngcobo, kanye noSibonelo Mbatha weqembu lomculo Ithimba Le Afrika.

Ngokungafani nabanye abaculi bezokholo, abasizakala ngemboni engenisa imali, uSthandiwe uthe uzimisele ngezwi likaNkulunkulu.

Uthi unikele ngezicathulo, izingubo, ukudla nemifaniswano yesikole emphakathini wangakubo.

Ngesikhathi esacula ku-Abathandwa, uthe  “wabanombono” owawumqondisa ukuthi aqale ukubhala owakhe umculo ukuze asabalalise lolu daba kubantu.

Futhi kulo nyaka, lo mbono ukhombise ukuba yisibikezelo esinembile ngemuva kokuya yedwa empumelelweni enkulu.

Ngenyanga edlule, wamenywa ukuthi azonandisa kanye nabaculi abakhulu emculweni wezokholo waseNingizimu Afrika, okubalwa kubo uDumi Mkokstad, uThinah Zungu, uBabo noSgwili Zuma ukubala nje abambalwa.

Lo mcimbi ubuKwaDukuza, e-KZN kanti ubuphethwe ngomunye umculi wezokholo, uThobekile.

Ngaphandle kokuqala umsebenzi wakhe wokucula yedwa, uhlose ukubuyisela emiphakathini akhulele kuyona, Ezingolweni naseMlazi, ngokuqeqesha abantu abasha ukuthi bangaphumelela kanjani endimeni yomculo.   

Izihloko zakamuva