USteyn unodaba olungaphelile nge-New York Marathon.

Lubhalwe nguThate Msimango

Umgijimi wakuleli u-Gerda Steyn uzophindela e-New York ayogijima ukuze akwazi ukuthola indondo.

Ibanga elingu-42,195km lizobadlulisa emadolobheni edolobhakazi i-New York abagijimi, bazoqala e-Staten Island, baqede e-Tarven e-Green esepaki eyaziwayi i-Big Apple’s.

Ngo-2019 uSteyn waqeda ngesikhathi esingu-2:27:48 emjahweni ofanayo waqeda endaweni yesi-11 kanti waphuthelwa ukuthola indondo.

Kulonyaka uzihambela yedwa njengoba ewine I-Two Oceans ngesikhathi esifanele esingu 2:29:42, uSteyn unethemba lokukuguqula lokhu emgwaqweni wase- Central Park.

“Ngicabanga ukuthi ukuphindela kwami kulonyaka ngiyogijima e-New York kuyinto ekade ngiyifisa.

“Kunezizathu ezihlukene ezenza ngibambelele kakhulu kulomjaho njengoba sekube kabili ngicishe ngingena ohlwini lwe-Top ten,” kusho u-Steyn owaba ngowesi-13 emjahweni ofanayo ngo 2018.

“Ngicabanga ukuthi sengikhulile njengo mgijimi , ngicabanga ukuthi konke esengikuzuzile kungenxa yokusebenza kanzima. Ngisafuna ukugijima kakhulu kanti futhi nomqhudelwano onzima uzongenza ukuthi ngifune ukunyusa izinga. e-New York ngizobe ngiqhudelana nabagijimi besifazane.

USteyn owawina kumncintiswano wokugijima ngo 2019 ngesikhathi esiwu 5:58:53 uzobhekana nomncintiswano onzima no mgijimi u-Peres Jepchirchir okunguyena kuphela umgijimi -wesilisa noma wesifazane- owake wawina I-Olympic ne New York City kanye ne-Boston Marathons.

UJepchirchir ungomunye wabesifazane abanejubane elikhulu emlandweni, njengoba wake wawina kwi-Valencia Marathon ngo 2020 ngesikhathi esingu 2:17:16, okwamenza kwaba nguye onejubane elikhulu emjahweni wabantu besifazane e-New York. UHellen Obiri oyi-World Cross Country Champion waphinde waba ngumpetha wezwe lonke amahlandla amabili ngaphezu kuka- 5000m, naye uzongenela umjaho.

Osesithombeni esingenhla: u Gerta Steyn

Umthombo wesithombe: u@ DailyMaverick

Izihloko zakamuva