Sizwe Sibiya
UStevie Wonder osechithe cishe yonke impilo yakhe esiteji, uveze ukuthi kungenzeka achithe yonke eminye iminyaka yakhe esele ezweni lase-Ghana.
UStevie, ogama lakhe langempela nguStevland Morris, utshele u-Oprah Winfrey kwingxoxo ye-The Oprah Conversations ukuthi unezinhlelo zokukhipha ingoma ezokwenza iMelika imamatheke futhi. Wabe esethi: “Ngiyahamba ngiya e-Ghana, futhi ngizokwenza lokho.”
“Angifuni ukubona isizukulwane sami sithi ‘ngicela ungithande, ngicela ungihloniphe, ngicela wazi ukuthi ngibalulekile, ngicela ungithathe njengomuntu obalulekile.’ Yini leyo?” kubuza uStevie Wonder.
Akukhona okokuqala uStevie ezwakalisa ukuthi uzizwa kanjani ngesimo sokubusa eMelika, isihluku samaphoyisa kanye ne-Black Lives Matter.
Ubhale ku-Twitter mhla zi-13 kuNhlolanja wathi: “Kusasa usuku lwezithandani. Usuku lothando. Ngeshwa angikholwa ukuthi lukhona uthando olwanele kulesi sizwe nabasebenzi bakahulumeni,” ephetha lo mbhalo ngokuthi “Umhlaba wonke usibhekile.”
Noma ngabe uStevie, osewine ama-Grammy amahlandla angama-22 uzoyishiya iMelika noma cha – kodwa amahemuhemu athi akuqali ukuthi uStevie athinte indaba yokuthuthela e-Afrika kodwa namanje usaseMelika.
Ngokusho kwe-Africa.BusinessInsider, uStevie utshele i-International Association of African American Music ukuthi wayithanda kakhulu i-Ghana.
“Umphakathi obumbene ngendlela emangalisayo,” kusho uStevie ngowe-1994 ngemuva kokuvakashela e-Ghana.
Umthombo wesithombe: @ItzStevieWonder