USteve Kekana (1958-2021): Ummeli ohlonishwayo onothando lomculo

Linda Ximba noPhilani Mzila

USteve Kekana, obengumculi odumile, ummeli ohlonishwayo kanye nomfundisi wezomthetho, ushone ekuseni ngoLwesine eneminyaka engama-63.

Imenenja yakhe uXolani Majozi, uthe uKekana udlule emhlabeni ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela, wengeza ngokuthi uhambo lwakhe olude endimeni yomculo luzokhuthaza abaculi abasathuthuka.

Kuwo wonke ama-albhamu angamashumi amane awaqopha emkhakheni wakhe, wahlanganisa umculo wombaqanga, i-Soul, i-Pop, i-R&B ne-Jazz. Ubuye wasebenzisana nabaculi abanesiphiwo njengoPJ Powers, uRay Phiri noJoe Nina.

Ngowezi-1979 nangowezi-1980, uKekana wawina indondo eyayaziwa ngokuthi yi-SABC Black Music Award yomculi wamazwi ohamba phambili kwabesilisa.

Ingoma yakhe yangowezi-1980 ethi “Thatha Uthando Lwakho” equkethe uNana Coyote onezwi elikhulu ibithandwa ezweni lonke.

“Ubaba uSteve waba ngumculi wokuqala ongaboni emehlweni ukuthola impumelelo   yangowezi-1980. Yize kusukela esemncane engaboni, waqhubeka nokuba nothando lomculo. Eminyakeni eyalandela ube esephikelela kwizifundo zomthetho waphothula iziqu ze-LLB ngonyaka odlule. Impela uhambo lwakhe luyasikhuthaza sonke,” kusho uMajozi.

Ezalwe enguTebogo Steve Kekana e-Zebediela, e-Limpopo, waqala ukungaboni emehlweni eneminyaka emihlanu. 

Wayefunda esikoleni sezimpumputhe eMgungundlovu ngaleso sikhathi, nokuyilapho uthando lwakhe lomculo lwakhula khona.

Ubengakhiqizi nje umculo kuphela njengabanye abaculi abaningi, kodwa uKekana ubengummeli oqeqeshiwe futhi waklonyeliswa ngeziqu zobudokotela ezihloniphekile kwi-philosophy ezivela e-Unisa ngowezi-2020.

Ngowezi-2018, wathola umklomelo we-Life time achievement award kwi-South African Music Awards (SAMA)

Kwathi ngasekupheleni kwempilo yakhe, wasebenza njengosihlalo esikhwameni somhlalaphansi sase-Samro.

Isishoshovu nongumculi u-Eugene Mthethwa umangazwe ukudlula kwakhe emhlabeni, njengoba ebesanda kumbona nje ngoLwesihlanu olwedlule emhlanganweni webhodi lesikhwama somhlalaphansi.

“Wayebukeka ephilile engumqemane, kodwa  ukuvuka sizwe izindab zokuthi udlulile emhlabeni kuyashaqisa futhi kuyadabukisa.”

Izihloko zakamuva