USteenhuisen kumele afunde okuthile kuGroenewald

Lubhalwe nguZukile Majova
Umhleli wezepolitiki

Kukhona okungalungile kakhulu ngoJohn Steenhuisen, akakwazi ukwenza umsebenzi wakhe njalo uma ezama akulungi.

Ngibuke amalungu e-DA amnyama engqungqutheleni yokukhetha ubuholi yakamuva yeqembu bezama ukuthi uJohn alandele indlela okuyiyo, kodwa akwenzeki.

UJohn akanalo ikhono lokwenza izinto. Ngakho-ke, uma ekhuluma uyohlala ezwakala sengathi uyacasula futhi sengathi uyashumayela.

Kube okufanayo nangoLwesithathu ngesikhathi uMengameli Cyril Ramaphosa ethula inkulumo yesabelomali.

Umongo wangempela ubuveza ukuthi sikuphi njengezwe njengamanje, eqinisweni sisenkingeni edla umnotho u-R1 billion ngosuku.

Njengamanje akusona isikhathi sokukhonkotha, ukuhhewula, nokukhombana ngeminwe lesi isikhathi sokwabelana ngezixazululo zangempela nalowo ozama ukusihlenga kulobu bubi.

Isixazululo sikaRamaphosa kule nkinga angeke siqhamuke ku-ANC. I-ANC iqede iminyaka engu-30 ifaka izwe kule nkinga ngakho-ke, ngeke kuthenjelwe kuyo ukuthi izoletha izixazululo ukuze sithuthuke siyizwe.

Kodwa uJohn akakwazi ukufunda kwezakhe ugxumele kuRamaphosa njengo-ala Tony Leon weminyaka yango-1990, wambiza ngeqola elenza abantu bakuleli izilima.

“URamaphosa akayena umholi, kodwa uyiqili,” etshela isizwe.

Ephendukela ngakuMengameli uthe: “Uyiqili lezepolitiki osenga abantu ukuze abe usozimali aqede ushiye elakuleli lisobishini.”

Uqhubekile wakhuluma ekhombisa ukungahambisani neqembu lepolitiki elifuna ukubukwa njengelinye langempela ku-ANC.

Kodwa nanku umehluko.

UDkt Pieter Groenewald ongumholi we-FF-plus futhi ongowesilisa onekhono wenze i-DA yalahlekelwa amavoti kulo lonke ukhetho lokuchibiyela, uphinde wasukuma wahola inkulumo-mpikiswano mayelana nezisombululo zangempela.

Ethembisa uRamaphosa ukuthi iqembu lakhe lizosiza ekuthuthukiseni isu lezomnotho elizosiza ukulungisa izinkinga esibhekene nazo, sikhulise umnotho nokudala amathuba emisebenzi uDkt Groenewald uzifezile izithembiso zakhe.

Wethulela uMengameli uhlelo oluphelele lokulwa nenkohlakalo, ukuzinzisa ugesi, ukuqinisekisa ukutholakala kokudla okuzayo kanye nokwenza isizwe sethu sibe yisizwe esinqobayo.

Yilokhu uJohn angakwazi ukukwenza.

Okhethweni lwango-2024 kungenzeka ukuthi izifundazwe ezintathu i-Western Cape, i-KwaZulu-Natal ne-Gauteng ziphelelwe amandla kuhulumeni we-ANC.

Umdlalo wekusasa uphethwe ipolitiki ekhombisa ukubambisana nokusebenzisana, hhayi ukubizana ngamagama nokuklabalasa.

UJohn kusamele azifundise lukhulu. 

Izihloko zakamuva