Usozimali nenqwaba yezingane

Dylan Bettencourt

U-Elon Musk wathola amawele nomunye wabasebenzi bakhe kusele isonto ngaphambi kokuthi owayeyintombi yakhe uGrimes abelethe indodakazi yakhe.

Lo sozimali (51) uthole izingane noShivon Zilis, umqondisi wezokusebenza namaphrojekthi akhethekile enkampanini yakhe i-Neuralink, ngokwamaphepha asenkantolo.

La mawele azalwe ngoLwezi nyakenye ngokusho kwamaphepha asenkantolo akhombisayo ukuthi uMusk noZillis bafaka isicelo sokuthi kushintshwe isibongo sezingane.

Isicelo samukelwa ijaji lase-Texas ngoNhlaba.

Indoda ecebe kakhulu emhlabeni ikhuthaza ukukhulisa izinga lenzalo emhlabeni wonke futhi iyisibonelo, ngokuba nezingane eziyisishiyagalolunye ezaziwayo.

UMusk unezingane ezimbili nowayeyintombi yakhe uGrimes, amawele amabili kanye namawele amathathu nowayengunkosikazi wakhe uJustine Wilson.

Kanti manje usethole amanye amawele noZilis.

Ngonyaka odlule uMusk wathi umhlaba “uzobhidlika” uma bengekho abantu abenele kuwo.

“Uma abantu bengenazo izingane eziningi, impucuko yomhlaba izowohloka, ngiyanitshela,” esho.

Enye yezingane zikaMusk ayithola nowayengunkosikazi wakhe isanda kufaka isicelo sokushintsha isibongo sayo emzamweni wokunqamula ubuhlobo noyise ongusozimali.

Intombazane (18) ithe ayifuni ukuzihlanganisa noyise nganoma iyiphi indlela, noma kungaze kubenjani.

Kubikwe ukuthi uZilis ungusomabhizinisi okhulayo embusweni kaMusk ngemuva kokuthi aqale ukusebenzela lo somabhizinisi owazalelwa kuleli ngo-2016.

Ufakwe ohlwini lwe-Forbes 30 Under 30 esigabeni se-venture capital ngo-2015.

UMusk usohlwini lwamaphepha asenkantolo njengoba ehlala emzini kaZilis obiza u-R66 million e-Austin, e-Texas, ngokusho kwe-Insider.

Umthombo wesithombe: @People

Izihloko zakamuva