Arthur Greene
Usozigidi wase-Ukraine u-Andrey Stavnitser uchithe izinyanga akha ikhaya lakhe.
Kodwa akazange acabange kabili ngokutshela amasosha ukuthi aqhumise ibhomu emzini wakhe ngesikhathi ebona amasosha ase-Russia kuwo.
Ngesikhathi amasosha kaPutin eqala ukuhlasela i-Ukraine ngomhlaka-24 kuNhlolanja, uStavnitser, isikhulu esiphezulu senkampani ye-IT i-TransInvestService, ushiye isithabathaba sakhe ngaphandle kwenhlokodolobha i-Kyiv elibangise emngceleni wase-Poland.
Abanye abasebenzi bezokuphepha bakaStavnitser basale ekhaya. Mhla zinhlanu kuNdasa, amasosha ase-Russia angene kule ndawo. Aye agqekeza isithabathaba akhumula onogada izingubo ase ebahloma imibuzo ngaphambi kokuthi abadedele.
Ngemuva kwezinsuku ezimbili behamba ehlathini eliseduze, abasebenzi bafike esigodini esithile bashayela umphathi wabo ucingo bemtshela ukuthi umuzi wakhe uthathwe ngamasosha.
UStavnitser utshele abezindaba be-Good Morning Britain ukuthi uye wabheka amakhamera awafake emzini wakhe ngokushesha ngemuva kokuthola ucingo.
Kwenye yamakhamera akhe ubone amasosha ase-Russia ephethe impahla ephangiwe engena nayo emzini wakhe. Wabe esebona izikhali zase-Russia zibekiwe endaweni yakhe.
“Bekunezimoto zamasosha ezingu-12 endaweni yami, okubalwa kuzo eziqhumisa amarokhethi, amabhomu kanye nembayimbayi,” kusho uStavnitser.
“Baqale ukudubula i-Kyiv besendlini yami.”
UStavnitser uvele wazi ngaso leso sikhathi ukuthi yini okufanele ayenze.
“Kube yisinqumo esisobala kimina,” etshela isiteshi sezindaba.
“Ngifuna ukwenza konke ukusiza i-Ukraine ukuthi iwine lempi.”
Ngaphandle kokungabaza, uye wathintana namasosha ase-Ukraine futhi wavuma ukuthi umuzi wakhe uqhunyiswe ngamabhomu.
Ebuzwa ngabethuli bezinhlelo ukuthi uzizwa kanjani ngokulahlekelwa yikhaya lamaphupho akhe, uthe: “Ukube ubungangibuza ezinyangeni ezimbili ezedlule ukuthi bengizozizwa kanjani uma ngibona amasosha anonya emzini wami, bengizothi ngizizwa ‘nginokufutheka nokucasuka’.
“Kodwa-ke, lokhu akukhona engikuzwile. Bengimangele, ngizizwe nginengeka. Ngiye ngazizwa ngingcolile uma ngibona amanye amadoda ehamba endlini yami, ngakho kuvele kwaba isinqumo esisobala.”