Usozigidi uphumelele ukuthenga u-Twitter

Arthur Greene

U-Elon Musk, indoda ecebe kakhulu emhlabeni, wenze isivumelwano sika-$44 billion sokuthenga i-Twitter, inkundla yezokuxhumana enethonya kunawo wonke emhlabeni.

I-Twitter imemezele ngoMsombuluko ebusuku ukuthi uMusk, oyisikhulu esiphezulu sakwa-Tesla and SpaceX, owazalelwe eNingizimu Afrika, uzophatha le nkampani okungenye yezinkampani ezinkulu kakhulu ezizimele emlandweni.

“Ukukhuluma ngokukhululeka kuyisisekelo sentando yeningi esebenzayo, futhi i-Twitter iyinkundla ye-digital lapho okudingidwa khona izinto ezahlukene,” kusho uMusk esitatimendeni ememezela isivumelwano.

“I-Twitter inamandla amakhulu – ngikubheke ngabomvu ukusebenzisana nale nkampani,” engeza.

I-Twitter akuyona inkundla yezokuxhumana ethandwa kakhulu (njengo-Facebook) kodwa inethonya elikhulu kakhulu. Yinkundla lapho abanye abantu abanamandla emhlabeni benza khona futhi bamemezele izinqumo ezibalulekile zomhlaba.

UMusk uzoba nobunikazi obuphelele kule nkundla, futhi ngeke kudingeke ukuthi asebenze ngaphansi kweso elibukhali lamalungu ebhodi noma abaninimasheya. Lokhu kumnika amandla amakhulu okwenza inzuzo.

Akukacaci kahle ukuthi yiziphi izinguquko ahlose ukuzenza, kodwa phambilini uke wazibiza “ngomuntu okhuluma ngokukhululeka”.

Lezi yizindaba ezinhle kubantu abafana nowayenguMengameli waseMelika uDonald Trump, owavalwa unomphela ukuthi angabe esangena enkundleni ngokugqugquzela udlame ngoMasingana nyakenye.

Ngokwakhe uMusk unomlando omude wokubhala izinto ezimfakela amacala. Usanda kuwina icala abelivulelwe nguVernon Unsworth, umbhukudi waseBrithani owasiza ekusindiseni izingane zesikole ezingu-12 ezazivaleleke emhumeni e-Thailand ngo-2018. UMusk wangena engxoxweni ye-Twitter no-Unsworth wambiza “nge-pedo”.

Kodwa-ke, kuzo zonke izinkulumo zikaMusk zokukhuthaza inkulumo ekhululekile, esikhathini esidlule uye wafuna ukukhawulela abasebenzisi lokho abangakwenza. Ngonyaka odlule, wazama ukuvala i-akhawunti yomfana osemusha owayelandelela izindiza zangasese zikaMusk.

Umthombo wesithombe: @BriannaWu

Izihloko zakamuva