USotshwebhu womkhandlu usolwa ngokuhlasela ababhikishi

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Izakhamizi zaKwa-Thema ezidinwe zigane unwabu zisola uSotswebhu we-ANC emkhandlwini wase-Ekurhuleni, uJongizizwa Dlabathi  ngokuhlasela abebebhikisha ngokuthula.

Ilokishi lase-East Rand lahanjelwa ugesi kusukela ngomhlaka-11 kuNdasa ngesikhathi kusha isiteshi esikhulu saKwa-Thema.

Ezintatha zangoLwesithathu ekuseni amalungu e-MK Veterans Association (MKVA), kubikwa ukuthi bashaye baphinde basabisa izakhamuzi ebezibhikisha ngezibhamu.

Iqembu elibhikishayo belifuna izimpendulo ngokubambezeleka kokubuyiswa kwe-transformer eyonakele eyathathwa  ngonyaka odlule iyolungiswa kanye nokunqanyulwa kukagesi okweqile.

Umholi weqembu uTshepo Mwelase ubengomunye wababhikishi abaningi abahlaselwa isixuku se-MKVA. Usola ukuthi isixuku saqhumisa izibhamu ngesikhathi simshaya ngenhloso yokumesabisa.

Ababhikishi bathi uDlabathi we-ANC ubengomunye wabahlaseli be-MKVA, kodwa yena uyaphika.

UDlabathi ubize lezi zinsolo njengembudane nemizamo ecacile yokudicilela phansi isithunzi sakhe.

“Ngifikile kule ndawo ngiyohlola ukuthi ngabe bekunemashi yini njengoba bekubikwe ukuthi ikhona.

“Ukuba khona kwami ​​kuphinde kwanikeza uTshepo Mwelase indlela ephephile yokuphunyuka ezandleni zamalungu e-MKVA.”

Kodwa uNobhala we-PAC esifundeni uVumani Makhanya uthe: “Sicela uDlabathi aziphendulele emkhandlwini futhi kumele aphendule ngesenzo sakhe kulesi siphithiphithi.”

NgoLwesihlanu olwedlule ikhansela lakuWadi-74, uThulani Simelane litshele i-Scrolla.Africa ukuthi izingxenye ezisele zelokishi zixhunywe kabusha, kodwa kube nezinkinga zobuchwepheshe.

Ngenxa yomthamo ogcwele kakhulu kanye namakhebuli anenkinga ugesi ubulokhu uphazamiseka e-Van Eck Substation.

“Sikwazile nokuthola amakhebuli anenkinga sawalungisa. Ochwepheshe bazoqhubeka bahlole kanti kuzothi uma sekuphele konke ugesi uzobuya.”

USimelane wengeze ngokuthi i-transformer eyodwa yaKwa-Thema eyayinenkinga futhi yathathwa ukuyolungiswa izoze ibuyiswe ngoNcwaba.

Isithombe esingenhla: Isixakaxaka phakathi kwezakhamizi zaKwa-Thema

Umthombo wesithombe: UDoreen Mokgolo

Izihloko zakamuva