Dylan Bettencourt
Ucwaningo olusha luveza ukuthi “ingxenye enkulu” yamakati nezinja ingathola i-Covid-19 kubanikazi bazo – bese lizidlulisela kwezinye izilwane ezifuyiwayo.
UDkt uEls Broens wase-Utrecht University e-Netherlands uthe: “Uma utheleleke nge-Covid-19, kufanele ugweme ukuxhumana nekati noma inja yakho, njengoba ungenza kubantu.”
Ososayensi benze ucwaningo oluveze ukuthi i-Covid-19 iyinsakavukela phakathi kwamakati nezinja ozifuyayo ezimweni lapho umnikazi enegciwane le-corona.
Akukho ukudluliswa okusuka esilwaneni kuya kumuntu okubikiwe kuze kube manje, udokotela uthe: “Naphezu kokudlanga kwezilwane ezifuywayo ezivela emindenini yabantu abane-Covid-19 kulolu cwaningo kubonakala kungenakwenzeka ukuthi izilwane ezifuyiwayo zibambe iqhaza kulo bhubhane.”
UBroens uthe ithuba lokudlulisela leli gciwane ezilwaneni ezifuyiwe aliyona ingozi empilweni yomphakathi, kodwa kubeka engcupheni yokuthi umnikazi aphinde atheleleke ngesilwane sakhe.
Udokotela uqhubeke wathi yize kungeke kube nokukhathazeka ngempilo yesilwane, ubungozi bangempela ukuthi isilwane singaba yindawo yokugcina igciwane futhi sikwazi ukubuyisela igciwane kumnikazi waso.
UBroens nethimba lakhe benze ucwaningo le-PCR phakathi kwezinja namakati futhi bakhipha imiphumela yocwaningo. Bahlole izinja eziyi-156 namakati ayi-154 avela emakhaya ahlukene ayi-196. Amakati ayisithupha kuphela nezinja eziyisikhombisa ezihlolwe zatholakala zinegciwane ngokuhlolwa nge-PCR, kwathi amakati angama-31 nezinja ezingama-23 zahlolwa ukuthi zinamasosha omzimba alwa ne-Covid-19.
Umthombo wesithombe: @ScienceMag