Lubhalwe ngu-Everson Luhanga
UDorcus “Didi” Lekganyane, oyisifundiswa nososayensi ohlonishwayo, ushonile ngemuva kokugwazwa kanti kusolwa abethandana naye kulobu bugebengu.
Amaphoyisa aseBramley, eGoli, athole isidumbu sikaDorcus sinamanxeba amaningi okugwazwa ngemuva kokuphendula ucingo lodlame lwasekhaya.
Abethandana naye obezama ukuzibulala naye utholakale endaweni yesigameko kanti manje usesibhedlela ngaphansi kwesandla samaphoyisa.
UDorcus, 32 ugwazwe washona ngomhlaka-11 kuNtulikazi.
Uma umlingani wakhe esephumile esibhedlela uzobhekana namacala okubulala.
UDidi muva nje uhlonishwe kwi-Mail & Guardian’s 200 Young South Africas in the “Climate Change and Environment” ngomsebenzi wakhe obalulekile.
Umndeni wakhe ukhiphe isitatimende esithi ubeyisibani esihle, futhi abantu abaningi bazwa ubuhlungu ngokushona kwakhe.
Okhulumela amaphoyisa uNoxolo Kweza uqinisekise uphenyo lokubulala wathi: “Umlingani wakhe uzothweswa icala lokubulala kanti uzovela enkantolo maduze.”
Osesithombeni esingenhla: UDidi Lekganyane.
Umthombo: X