Dylan Bettencourt
Ukulimala kaningi komgadli waphambili wase-Zambia uNoria Sosala kuvamise ukumvimba ukuthi abambe iqhaza emidlalweni emikhulu – kodwa kulokhu ukwazile ukuqhudelana.
Eminyakeni embalwa edlule, uSosala akakwazanga ukubamba iqhaza, ngenxa yokulimala okwavimba amathuba akhe okungenela i-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) yango-2018 kanye nama-Olympics ase-Tokyo nyakenye.
Yize eseneminyaka engu-33 ubudala neskhathi sibukeka sihamba ngokomsebenzi wakhe, uSosala unethuba lokukhombisa ithalente lakhe esiteji samazwe omhlaba.
USosala neqembu lakhe lase-Zambia bazobhekana ne-Senegal ngoLwesithathu ukuze bathole ithuba lokuhlungela i-Fifa World Cup ezoba se-Australia nase-New Zealand ngonyaka ozayo.
Yize enamathemba okuqopha umlando, uSosala ubehlezi ecabanga ukuthi ngeke aphinde angenele umqhudelwano.
“Bese ngilahlekelwe yithemba lokuthi ngiyoke ngibuyele eqenjini lesizwe kodwa ngomusa kaNkulunkulu nokholo lwami ngibuyile eqenjini nakhu lapha engikhona. Ngidlala ezingeni eliphezulu lebhola labesifazane e-Afrika,” kusho yena etshela i-CAF Online.
“Umdlali kufanele abe nenhliziyo eqinile futhi angadikibali noma ngabe izimo zinjani. Noma ngabe kuthiwa ulimele kufanele ubeke uNkulunkulu kuqala kanti nokuziphatha kahle kubaluleke kakhulu ikakhulukazi kubadlali.”
Lo mgadli kudingeke ukuthi alinde ithuba lakhe lokuthi agcine ebuyele enkundleni futhi ukwenzile lokho emdlalweni wokugcina wamaqoqo e-Zambia lapho abahlule khona i-Togo ngo 4-1.
“Ngijabule futhi neqembu lijabule ngoba besisebenza kanzima ukufinyelela kowomkhumulajezi. Siyazi ukuthi sifunani uma singena esigabeni samaqembu ayisishiyagalombili ahamba phambili,” esho.
“Inhloso yethu ukuwina i-Wafcon nokuthi singene kwi-Fifa Women’s World Cup yango-2023.”
Lo makadebona wake wadlala kwi-Wafcon yango-2014.
“Kuningi osekushintshile selokhu ngadlala kwi-Wafcon. Baningi abadlali abancane kulo mqhudelwano uma kuqhathaniswa nowango-2014 ngesikhathi ngigcina ukudlala. Kukhona abadlali abasha, wonke umuntu uyazi ukuthi ufunani futhi basebenza kanzima.”
“Ukuhlelela umqhudelwano kuhle kakhulu uma kuqhathaniswa nakuqala. Izinto zishintshile futhi konke kuhamba kahle.”
Umthombo wesithombe: @CAFOnline