Kamogelo Muvhenzhe
Lowo owayeyiPhini likaSomlomo wePhalamende lase-Malawi uClement Chiwaya ushonile ngemuva kwezinsolo zokuthi uzidubule ekhanda ehhovisi lakhe phambi koMabhalane wePhalamende, uFiona Kalemba.
Kubikwa ukuthi uChiwaya, owayeNgungqongqoshe weKhabhinethi nowake wasebenza ephalamende kusukela ngowezi-2014 kuya kowezi-2019, uye kumqashi wakhe wangaphambilini eyomphoqa ukuthi adedele imihlomulo yakhe. Lokhu kufaka phakathi imoto ayeyisebenzisa njengePhini likaSomlomo ebishintshiwe ukuze ivumelane noChiwaya okhubazeke ngokomzimba.
Ukhalaze kumphenyi wezikhalazo wezwe ekuqaleni konyaka ukuthi le moto isesegameni likahulumeni, yize ubunikazi bekufanele bushintshelwe kuye.
IHhovisi loMphenyi wezikhalazo liyalele iPhalamende ukuthi likhethe enye imoto kaChiwaya futhi liyishintshe. Lokhu bekumele kwenziwe ekupheleni kukaNhlangulana kulo nyaka, kodwa akwenzekanga.
Esitatimendeni okubikwa ukuthi sikhishwe uChiwaya ngaphambi kokuthi azibulale uthe kuyamcindezela ukuthi ancenge abantu ngento okungeyakhe.
“Bengingababulala laba bantu ngesibhamu esigcwele izinhlamvu, kodwa ngikhethe ukuhamba ngedwa,” kufundeka isitatimende.
Esitatimendeni, okhulumela iPhalamende u-Ian Mwenye uthe amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko futhi aphenya ngalolu daba.