Usopolitiki useka eyentela ekhokhiswa abesilisa abangashadile 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

Lowo owayengumholi we-ActionSA KwaZulu-Natal uDkt Makhosi Khoza uphawula ngentela ka-R50 ekhokhiswa abesilisa abangashadile emakhaya.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, uKhoza ongumqondisi we-Ukhokho Innovation uveze ukuthi uzihlaziyele wabona ukuthi iNkosi yendawo yaseNquthu, uThathezakhe Ngobese ayinalo iphutha ngokukhokhisa le ntela.

UKhoza uthe uhulumeni okhona nguyena onecala, ngoba wenze abaholi bathembele emiphakathini yabo enhlwempu ukuthi baxhase izikhungo zabo zendabuko ngezimali.

“Ngeke siyisole iNkosi uNgobese ngoba abaholi bethu bendabuko benziwa ukuthi baguqe kosopolitiki ukuze kusimame imiphakathi yabo, sikhuluma nje asikho isabelomali sikahulumeni esibekelwe ukusebenza kwemikhandlu yamaKhosi.

“Laba baholi kumele benze imithetho ezovumela ukuthi izindawo zabo zomkhandlu wendabuko zisebenze. Okubuhlungu ukuthi imiphakathi enhlwempu kumele ikhokhe,” kusho uKhoza.

Umphakathi waKwaKhiphinkunzi ukhale ngokuthi uyahlupheka futhi awusebenzi, ngakho awukwazi ukukhokhela le mali yonyaka.

Abanye baveze ukuthi bakhokha imali efinyelela ku-R400 ngenxa yesibalo sabesilisa emndenini. UNgobese utshele i-Scrolla.Africa ukuthi akekho ozomtshela ukuthi awuphathe kanjani umphakathi wakhe.

“Yonke imikhandlu yomdabu inemigomo yayo yokubusa abantu bayo nami ngineyami, le ntela ayilutho ngoba iyasiza ekukhokheleni abasebenzi basezinkantolo zomdabu. Ngobese.

Uthe akanazo izinhlelo zokunyusa le mali kulo nyaka.

Uphinde wathi le ntela ikhuthaza abesilisa ukuthi bashade esikhundleni sokuthi baxhaphaze amantombazane ngokuwakhulelisa ngaphandle kokukhokha ilobolo.

Intela isebenza kuwo wonke umuntu wesilisa osehlanganise iminyaka engu-18.

Esithombeni esingenhla: Inkosi uThathezakhe Ngobese waKwaKhiphinkunzi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe

Izihloko zakamuva