Usopolitiki odumile uboshelwe ukweba esontweni

Ibandla alizange limangale uma lizwa ukuthi izitsha ezebiwe esontweni labo zitholakele – okumangaze kakhulu ukuthi ngubani owenze leli cala.

Usopolitiki odumile, iKhansela leWadi le-ANC e-Clocolan, e-Free State uIsaac Mthimkhulu, uboshelwe icala lokweba.

USello Mopitse webandla i-NG Church utshele abakwa-Scrolla.Africa ukuthi: “Osopolitiki bangamasela. Badla intela yethu ukuze bazicebise. Kodwa ukweba esontweni kuyiphutha elikhulu.”

Uthe, ngesikhathi bebona ukuthi amapuleti abo awekho, ibandla belikholwa wukuthi izitsha zabo zizobuyiswa kungekudala.

“UNkulunkulu akaphoxi. Uzobhekana nawe, uzobizwa ngegama ebese uyahlazeka,” kusho uMopitse.

“Ngizwile ukuthi ikhansela litholakale liphethe amapuleti ethu antshontshiwe. Kungenzeka kungabi nguye owebile uqobo, kodwa nokuthenga izinto ezebiwe kukwenza isela. Uyawazi umthetho futhi bekufanele abize amaphoyisa. Ngiyajabula ukuthi ubanjiwe.”

Usihlalo webandla uRamonne Mahloane uthe, bekungokokuqala behlangabezana nokugqekezwa kwaleli bandla edolobheni.

“Siqaphele ngeSonto ngaphambi kwenkonzo yesonto ukuthi izinto zebiwe. Ngezwa nokuthi kukhona oboshiwe. Kusishaqisile ukuthi ikhansela liyathinteka,” kusho uMahloane.

Abakwa-Scrolla.Africa abakwazanga ukukhuluma nekhansela lesigceme uMthimkhulu obesaboshiwe.

Okhulumela amaphoyisa u-Colonel Thandi Mbambo ukuqinisekisile ukuboshwa kwakhe wathi kulindeleke ukuthi avele enkantolo ngoLwesihlanu.

UMbambo uthe: “Umsolwa uIsaac Mthimkhulu, oyikhansela le-ANC e-Hlohlolwane, uboshiwe wagcinwa esiteshini samaphoyisa e-Clocolan ngemuva kokutholakala nezimpahla okusolwa ukuthi zebiwe ebezingezesonto i-NG. Uzovela eNkantolo yeMantshi yase-Clocolan.”

Izihloko zakamuva