Karabo Rammutla
Osonkontileka abancane ababesebenza ngesikhathi kwakhiwa isiteshi sezicishamlilo esingapheleli sase-Mamelodi bathi namanje ngemuva kwezinyanga eziyisithupha abakakhokhelwa imali yabo yi-HBC Construction.
Osonkontileka abancane kanye nesikhulu esixhumanisa umphakathi (i-CLO) bathi usonkontileka omkhulu kwa-HBC Construction unyamalale nemali yabo.
Isikhungo sezicishamlilo sivaliwe futhi asisebenzi yize imeya yase-Tshwane uRandall Williams avula lesi siteshi sika-R62 million ngokusemthethweni ngoMfumfu nyakanye.
Ngaleso sikhathi uWilliams wathembisa abahlali ukuthi lesi siteshi sizoqala ukusebenza ngenyanga elandelayo. Kodwa ngemuva kwezinyanga eziyisithupha akukho lutho olwenziwayo esiteshini, akukho nolulodwa uphawu lwesicishamlilo noma injini yokucima umlilo.
Isiteshi sezicishamlilo bekulindeleke ukuthi sihlinzekele abahlali base-Mamelodi nase-Nellmapius, izindawo ezizungezwe imijondolo ezijwayele ukuhlaselwa umlilo nezikhukhula.
Kodwa-ke kuke kwabikwa ukuthi abahlali bacima umlilo besebenzisa amabhakede amanzi. Lesi siteshi sike sagqekezwa ngemuva kokuba iMeya isivule ngokusemthethweni.
Umxhumanisi womphakathi uMargaret Moyo uthe inkampani imkweleta imali engaphezu kuka-R20 000 yamaholo. Uthe ngesikhathi egcina ukukhuluma nabaphathi, bamtshela ukuthi bazomkhokhela uma izicishamlilo sezithola isitifiketi sokusebenza.
“KwakungoNtulikazi nyakenye besho lokho, kodwa namanje angikezwa lutho oluvela kubo njengoba sesisondele komunye uNtulikazi, ngisola ukuthi abaphathi bavimbele inombolo yami yocingo ukuthi ibashayele,” esho.
Usonkontileka omncane uBelvy Maimela uthe inkampani yakhe ikweletwa imali engu-R30 000.
“Angikabakhokheli abanye abasebenzi bami kanti manje bacabanga ukuthi ngiqamba amanga uma ngibatshela ukuthi angikhokhelwanga, bakhungathekile nami ngiphatheke kabi,” esho.
Uthe ugcine eseboleka imali yokukhokhela abasebenzi.
“Ngicwila ezikweletini ngenxa ye-HBC, into engiyifunayo imali yami.
UDonald Buthane we-Buthane Construction uthe i-HBC imkweleta imali engu-R10,000.
“Ukubashayela ucingo akusizi, bahlezi bethembisa ukukhokha kodwa sekuphele izinyanga manje bengakhokhi,” esho.
Okhulumela abezimo eziphuthumayo e-Tshwane uMnu Charles Mabaso uthe bebengazi ukuthi kunosonkontileka abasakweletwa yi-HBC.
I-HBC Construction yanikezwa u-R62 million ukwakha lesi siteshi.
Imizamo ye-Scrolla.Africa yokuxhumana ne-HBC Construction ayiphumelelanga.