Usomahlaya wase-China uboshelwe ukwenza ihlaya

Lubhalwe umbhali we-Staff

Umlingisi wamahlaya uLi Haoshi uthole ukuthi iziphathimandla zase-China aziwathatheli phezulu amancoko.

Uboshelwe ukwenza ihlaya eqhathanisa ukuziphatha kwezinja zakhe nesiqubulo samasosha. ULi uhlawuliswe u-R40 million kanti angase abhadle ejele ngehlaya alisho ngesikhathi enandisa e-Beijing ngoMgqibelo.

ULi ubhekise ihlaya lakhe kwizinja zakhe ezimbili ezazijaha i-squirrel.

“Ezinye izinja uma uzibona zingakwenza ucabange ukuthi ziyathandeka. Lezi ezimbili zivele zangikhumbuza ukuthi kumele ulwe ngokunamandla,” kusho uLi ogama lakhe lasesiteji nguHouse.

Abalandeli bakhe bebefa insini.

Isiqubulo asisebenzisile siyisiqubulo uMengameli uXi Jinping asethule njengomgomo wamasosha ase-China. Amaphoyisa ase-Beijing athe avule uphenyo olusemthethweni mayelana nokusebenza kwakhe, abathe “ludale umthelela omkhulu emphakathini.”

ULi uxolisile, wathi uzizwa enamahloni kakhulu futhi ezisola.”

Isithombe esingenhla: Amasosha ase-China alwela ukunqoba nobuqotho

Umthombo: I-Twitter

Izihloko zakamuva