Usomahlaya osolwa ngokuhlukumeza umkakhe nendokazi yakhe

Elmon Tshikhudo

ULindelani Nengovhela unkosikazi kaSABC Livhu useveze ukuthi ubephila impilo yokuhlezi ethukile ngoba ehlukunyezwa umyeni wakhe odumile.

ULivhuwani Madadzhe owaziwa ngelikaSABC Livhu akakaze aphendule lutho ngalezinsolo ezibhalwe unkosikazi wakhe ku-Facebook.

UNengovhela utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ummeli wakhe umcebise ngokuthi avule icala ngoLwesine, kodwa uhlele ukulivula ngoLwesihlanu.

ULindelani Nengovhela uveze ukuthi nakhu obekwenziwa umyeni wakhe:

  • Ubehlezi emushaya
  • Ubeletha abantu besifazane emzini wabo ekhona endlini
  • Uma ingane yakhe yonile ubeyifaka lapho kulala khona inja ibuye isilimele.
  • Ubemuhlukumeza nangokomqondo
  • Ngenkathi abazali bakhe bemnikeza imali yokuqhuba izifundo zakhe wayintshontsha wayidla

NgoLwesibili umbukiso wakhe i-Captain SABC Livhu Online kubikwe ukuthi ulahlekelwe umxhasi i-Phando Studios, njengoba kucashunwe kwisitatimende se-The South African esithi:

I-Phanda Studios iphazamisekile mayelana nalezinsolo ze-Gender-Base Violence ezibhekene noLivhuwami Madadzhe.

Njengomphathi nophinde ethule lolu hlelo oludume kangaka kwizinkundla zokuxhumana besilindele ukuba uLivhu uyazihlonipha futhi akahambisani nezenzo zokuhlukumeza abesimame kunokuthi kutholakale ukuthi uyena ohlukumeza unkosikazi wakhe.

Sizokumisa ngokushesha ukuxhasa nokweseka uhlelo i-Captain SABC Livhu online.

UNengovhela uthi ubehlezi enoLivhu ebunzimeni nasebumyameni, kodwa angikaze ngajabula uma nginaye.

Bese ngikhathele ukuhlukunyezwa uyena ingakho sengithathe isinqumo sokuphumela obala. Sengithule isikhathi eside uma ngiqhubeka ngingagcine ngifile abantu bengazi ukuthi kwenzekeni.

Lo somabhizinisi uke waduma ngowezi-2017 ngenkathi ekhohlisa abantu ngokushona kwamawakhe efuna imali yomushwalensi waze wamakhela netshe ethuneni lakhe.

Lokho kwenzeka kwadlula wabe eseqala wasiza abantu ngokubakhela izindlu, ebapha ukudla esebenzisa uhlelo lwakhe iLivhuOnline ukuze athole abaxhasi.

I-Scrolla.Africa ithumele imiyalezo yaphinde yazama ukumushayela ucingo uLivhu, kodwa akakaze aphumele esidlangalaleni ukukhuluma ngalezinsolo.

Izihloko zakamuva