Dylan Bettencourt
Ngesikhathi unkosikazi wakhe ethola amarisidi ocansi enani lemali eyizi-10 000 zamarandi ube esethatha isinqumo sokumbuza, kodwa umnikazi webhizinisi wamxosha.
Lona wesifazane, uNicole Ramsay obemsebenzela, usethathe isinyathelo sesihlukaniso nomnyeni wakhe wamyisa enkantolo ebhekelele ukuqashwa. Uyalelwe ukuthi amkhokhele imali engaphezu kweyizi-300,000 zamarandi.
URamsay, ongumeluleki wezezimali, ubesebenzela inkampani yomyeni wakhe enakekela utshani ngoMandulo ngonyaka wezi-2019 lapho athola khona izinkokhelo ezenziwa kumawebhusayithi ocansi.
Ngemuva kwesigameko, umyeni wathatha izikhiye zendlu kaRamsay, wasula umshwalense wemoto yakhe wamphuca nomakhalekhukhwini.
Ngesikhathi uRamsay ethatha ikhefu lokuyoteta owayengumyeni wakhe wayesamkhokhela, kodwa wehlisa iholo lakhe cishe ngemali eyizi-R5,000 zamarandi ngesikhathi ethathe ikhefu.
Ngemuva kwenyanga, uRamsay waqala inqubo yesehlukaniso ngokumelene nomyeni wakhe futhi wabeletha indodakazi yabo emasontweni ambalwa kamuva.
Ngemuva kokuphela kwekhefu lakhe lokuyoteta ngoNcwaba ngonyaka wezi-2020, uRamsay waqala umsebenzi omusha njengomeluleki wezezimali ngoLwezi ngowezi-2020.
“Ukukhathazeka nozwelo kanye nokwethuka unkosikazi uRamsay abhekana nakho ngenxa yezenzo zikaMnumzane uRamsay kwambangela ukukhathazeka okwathi lapho esekhulelwe waba nezinkinga zempilo ezabangelwa ingcindezi,” kusho ijaji uMike Hallen ecaleni.
Imali eyizi-R300,000 zamarandi enikezwe lowo owayengunkosikazi kwakungenxa yokubanjelwa imali engagunyaziwe eholweni lakhe kanye nesinxephezelo “sokulimala emizweni” maqondana nesicelo sakhe sokucwaswa komshado ngesikhathi izimangalo zakhe zokucwaswa nokuhlukunyezwa zichithwa.
Umthombo wesithombe: @DailyMail