Usomabhizinisi ukhala ngokugetshengwa u-Pick n Pay

Kamogelo Olaitan

Ngenkathi uPhure Motshabi wase-Kagiso e-West Rand egunyazwa uhlelo lokuvuselela ama-franchise akwa-Pick n Pay elokishini wabona kuyithuba lokuyisa ibhizinisi lomndeni kwelinye izinga.

Uhlelo belubukeka luqondile ngemali encane kanti u-Pick n Pay ubuzohlinzeka izitolo ezifufusayo ngesitoko seqophelo eliphezulu ukuze zibe amabhizinisi amakhulu futhi asethuthukile.

Kodwa ngemuva kweminyaka emine uPhure akasenalo ibhizinisi lakhe okunalokho usele nezikweletu esingaphezu kuka-R9 million. Ubiza lolu hlelo ngomkhonyovu ohlomulisa u-Pick n Pay kuphela.

UMotshabi uthe ubeqhuba ibhizinisi lokudayisa ufishi nama-chips kanye neshisanyama kanti leli bhizinisi belingenisa imali elinganiselwa ku-R20 000 njalo ngenyanga. Ngesikhathi ezwa ngalolu hlelo akabange esachitha sikhathi wabe esengena ebhizinisini noLekale Mashego owaba uzakwabo baqhuba ibhizinisi ndawonye.

Ngokubolekwa imali i-Old Mutual Foundation uPhure uguqule isitolo somndeni wakhe saba ibhizinisi lesimanje elibizwa ngokuthi iPhenyo Market.

Kodwa ngokushesha ngemuva kokuvula isitolo ngo-2017 imifantu yaqala ukubonakala ngesikhathi kufika isitoko sokuqala.

“Abakwa-Pick n Pay bathumele isitoko esingafanele kumakhasimende asemalokishini baletha ikhofi elibiza kakhulu kanye nezinto zokukhuculula indawo yokubhukuda.”

Isitoko sakhe besigcwele ngokweqile kanti ezinye izimpahla zazizophelelwa isikhathi maduze. Ngenqubomgomo ka-Pick n Pay yokungaphindiseli emuva akukho ayengakwenza ngaphandle kokuchitha isitoko walahlekelwa imali kulolu hlelo.

Akugcinanga lapho uPhure uthi izinyanga ezimbili eqale ibhizinisi kwa-Pick n Pay  bathi bazomkhokhisa imali encane.

“U-Pick n Pay wathatha imali yesibonelelo sika-R300 000 engayithola kwa-Gauteng Enterprise Propeller wakhokhela osonkontileka.”

“Le mali bekuhloswe ngayo ukubuyisela engibakweletayo.”

Ngonyaka ka-2018 no-2019 uthi isitolo esikhulu sathatha ngaphezu kuka-R600,000 wesaphulelo sentela kwa-Sars.

“Yilapho engayeka khona ukusebenzisa umgcini mabhuku owayeqashwe ibona,” kuchaza uPhure. 

Kwaqala kwabheda nozakwabo walishiya ibhizinisi.

NgoNcwaba ngo-2020 wayekweleta u-Pick n Pay u-R1.8 million futhi wanikwa amahora angu-48 ukuyikhokha. Babe sebephikelela ekutheni bathathe isitolo sami ngala ngaphetha ngemuva kwalokho ngathola isaziso sokunqanyulwa kwesivumelwano nabakwa-Pick n Pay.

Wanikezwa isaziso esiyisibopho senyanga eyodwa futhi watshelwa ukuthi isivumelwano sizonqanyulwa ngomhlaka-12 kuLwezi ngo-2020.

“Ngaqhubeka nokuhweba kodwa bacisha amasistimu ami. Angikwazanga uku-oda izimpahla kwenye indawo ibhizinisi lami laqala ukuwa. Kuleyo minyaka emithathu isitolo saqala ukuthwala kanzima. 

NgoMbasa nyakenye wonke amasistimu acishwa. Ngesikhathi ephoqeleka ukuthi avale isitolo abantu abangu-36 baphelelwa umsebenzi.

Kwa-Pick n Pay bafuna imali engaphezu kuka-R3 million. Phezu kwalokho uPhure usakweleta abahlinzeki, abanye babasebenzi abamyisa kwa-CCMA kanye nokukhokhwa kwemali mboleko.

Usele engenalutho ngaphandle kokuthi aqedele ibhizinisi lakhe.

Bephendula i-Scrolla.Africa abakwa-Pick n Pay bathe iPhenyo Market iyisibonelo esihle semizamo yabo, kodwa umnikazi waso wayengafuni ukwamukela usizo lwabo.

Isikhulu sakwa-Pick n Pay sithe banohlelo lokugcwalisa isitoko futhi bakhiphe i-oda lokuqala elisuselwe ezitolo ezifanayo ezisebenza emiphakathini efanayo.

“U-Pick n Pay akakwazi ukukhipha imali ebhange lanoma ngubani futhi yonke imali ekhishwayo ikhishwa ngemvume negunya elidingekayo,” kusho lesi sikhulu.

Izihloko zakamuva