Usolwe ngokuba yindoda engqimuza omunye umshayisibhakela wesifazane ngemizuzwana nje kuma-Olympic

Umshayisibhakela wase-Algeria u-Imane Khelif uwine umdlalo wesibhakela ngemizuzwana engu-46 emangazayo kuma-Olympics e-Paris, nokuholele ekutheni kube nezinkulumo mpikiswano ngobulili bakhe.

Uzalwe engowesifazane kodwa unezinga eliphezulu le-testosterone.

UKhelif uhlonishwe njengomsubathi ohamba phambili kanti ubhekene nezinkinga ezake zaba khona kumsubathi waseNingizimu Afrika uCaster Semenya ananyekwa ngayo waphinde wavinjelwa emijahweni ethile.

Lo mshayisibhakela useqhudelane njengomuntu wesifazane impilo yakhe yonke kanti usehlulwe izikhathi eziyisishiyagalolunye ebhekene nabanye besifazane, okuhlanganisa nama-Olympics ase-Tokyo.

Usewine kahlanu kuphela nge-knockout kwimidlalo ayiwinile engu-37.

Kodwa ngoLwesine, ushaye u-Angela Carini nomshayisibhakela wase-Italy. Utshele abaqeqeshi bakhe, “akunabulungiswa lokhu futhi angikaze ngizizwe ngishaywa kanje.”

UKhelif akazange akhule kahle. Wayedayisa isinkwa endaweni yangakubo, abantu bemuhlulela, bethi isibhakela esabesilisa kuphela.

Kodwa umqeqeshi wabona ikhono lakhe futhi wamkhuthaza ukuthi angenele lo mdlalo, wamsiza ukuba abe ngumpetha womhlaba, kubika i-Daily Mail.

Phambilini uKhelif wayevinjelwe kuWomen’s World Boxing Championships ngenxa yokuba nezinga eliphezulu le-testosterone kodwa wavunyelwa ukuba angenele kuma-Olympics.

I-International Olympic Committee yamvikela uKhelif, yathi uhambiselene nayoyonke imithetho yokuncintisana.

Isithombe esingenhla: Imane Khelif.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva