
Dylan Bettencourt
Umsebenzi kaSolwazi uMamokgethi Ohakeng wenyuvesi yaseKapa usumenze wathola isikhundla enyuvesi engungqa phambili e-England.
UPhakeng uyiphini likashansela wase-UCT. Impumelelo yakhe kwizibalo kumenze wathola isikhundla sokuqala sokuvakashela inyuvesi yase-Bristol. Lesi isinyathelo sokuqala salolu hlobo eNyuvesi futhi sihlose ukuxhumanisa inyuvesi nezifundiswa eziphezulu ezivela emhlabeni wonke.
Lo Solwazi oneminyaka engama-53 uzoqala unyaka wakhe wokuqokwa mhla zingama-20 kuMfumfu lapho esizombona khona exhumana nenyuvesi ngochungechunge lwezifundo ezizoshicilelwa kwi-intanethi.
Lo Solwazi ovakashile osanda kuqokwa inyuvesi yase-Bristol uzovelela ezinhlelweni zokubambisana ezisanda kusungulwa.
Inyuvesi yase-Bristol iyingxenye yamanye amanyuvesi angungqa phambili ayi-10 eMelika futhi i-professorship etholwe uPhakeng itholwa ngokumenywa kuphela. Ivumela iphini likashansela ukuthi lixhumane nabafundi kwi-inthanethi kanye nokubabona ubuso nobuso.
UPhakeng, owathweswa iziqu ze-doctorate inyuvesi yaseKapa ngonyaka wezi-2019, uthe leli thuba alilungele yena yedwa, kodwa lilungele nomfundaze wase-Afrika.
“Leli ithuba elikhombisa umsebenzi wami esengiwenzile emagumbini ezibalo eNingizimu Afrika, kusho uPhakeng.
UPhakeng, owathweswa iziqu ze-BSc kwi-pure mathematics enyuvesi yase-North-West, uthe uyathemba ukuthi impumelelo yakhe izokhulisa ubudlelwano be-UCT kanye nenyuvesi i-Briston okuzosebenzela amanyuvesi womabili.
Kubukeka ngathi bekuyisonto labesifazane abamnyama eNingizimu Afrika, njengoba uBertina Engelbrecht emenyezelwe njengomphathi wokuqala wesifazane yakwa-Clicks kulandela ukusula komphathi omdala.
Umthombo wesithombe: @ThisIsAfrica