Usolwa ngokuhlukumeza izilwane umdlali wele-Premier League

Dylan Bettencourt

Umdlali we-West Ham United, uKurt Zouma, uphucwe amakati akhe  ngemuva kokuvela kwevidiyo yakhe ewahlukumeza ngokuwakhahlela esekhishini.

I-Royal Society for the Prevention of Cruelty to Animals (RSPCA) ngoLwesithathu ikuqinisekisile ukuthi amakati aphephile futhi ayanakekelwa kulandela lesi sigameko.

Yize uZouma exolisile, amaphoyisa akwa-Essex, esebenzisana ne-RSPCA, anqume ukuthi yiziphi izinyathelo okufanele azithathe okuholele ekutheni le nhlangano ithathe amakati akhe.

Ikilabhu kaZouma ayizange ibonakale ikhathazekile ngalesi sigameko, njengoba ifake lo mdlali emdlalweni wayo weligi ibhekene ne-Watford ngaphansi kwamahora angu-24 kuvele ividiyo.

Umqeqeshi uDavid Moyes uthe ufake lo mdlali wase-France ngoba ungomunye wabadlali abahamba phambili eqenjini.

“Ngiphoxeke kakhulu. Iqembu lithathe izinyathelo ngasese ngalolu daba. Umsebenzi wami ukuqoka iqembu elingcono kakhulu futhi uKurt ubeyingxenye yalo,” usho kanje.

NgoLwesine, ikilabhu yase-London ihlawulise uZouma ngokuthatha umholo wakhe wamasonto amabili, okuthiwa imali engu-R5 million. Imali izonikelwa ezinhlanganweni ezisiza umphakathi.

Isimo siye saba sibi kakhulu kowayengumdlali  we-Chelsea olahlekelwe uxhaso lwakhe lwe-Adidas ngemuva kokuba i-Adidas iphenye lesi sigameko.

“Siluphothulile uphenyo lwethu futhi singaqinisekisa ukuthi uKurt Zouma akaseyena umsubathi onenkontileka ne-Adidas,” kusho isitatimende se-Adidas.

Lesi sigameko sibe sesidlulela kwi-West Ham elahlekelwe ngokushesha uxhaso oluvela kwa-Vitality.

“Siphatheke kabi kakhulu ngevidiyo esiyibonile kaKurt Zouma. Kwa-Vitality, siyasigxeka isihluku ezilwaneni nodlame lwanoma yiluphi uhlobo,” kufundeka isitatimende esiphuma kwi-Vitality.

Ukucasuka komphakathi kuholele ekutheni abantu abangaphezu kuka-150,000 basayine isicelo sokuthi uZouma ashushiswe ngesenzo sakhe.

Lo mdlali angahle achithe iminyaka emihlanu ejele e-United Kingdom ngamacala okuhlukumeza izilwane.

Okuxakayo ukuthi unkosikazi womdlali uSandra Zouma usebenza njengomphathi wephrojekthi yenhlangano esiza amakati amakhulu ahlukunyeziwe – inhlangano uZouma ayinxusa kuyo.

Umthombo wesithombe: @CNN

Scrolla World Cup Quiz