
Obakeng Maje
Sekuqubuke izikhalo ngokwehliswa ngomlenze kukaR45 million yizikhulu zikaMasipala iMamusa.
Lo masipala wase-Schweizer-Reneke, e-North West, usolwa ngokusebenzisa budedengu izimali zabakholhibentela njengoba kuvela nokuthi enye imali uyibhubhudla ngokuthenga kwa-Woolworths.
NgoLwesibili umasipala uhlulekile ukuphendula ngesibonelelo sika-R20 million sokulethwa kwezidingo kubantu abasithole kumgcinimafa wesifundazwe. Le mali yafakwa kwi-akhawunti kamasipala ngomhlaka-21 kuZibandlela ngonyaka odlule.
Yonke imali yakhishwa kungakapheli ngisho amahora angu-24 futhi akekho okwaziyo ukuchaza ukuthi yashonaphi.
Umasipala uphinde waqoqa imali engu-R25 million kagesi namanzi kanye nezintela esikhathini esingangonyaka. Kodwa leyo mali ayizange ifakwe kwi-akhawunti kamasipala.
Lokhu kusho ukuthi u-R45 million awukatholakali.
Konke lokhu kuvele ngoLwesithathu olwedlule, ngesikhathi izikhulu zikamasipala zivele phambi kwekomidi lesiShayamthetho sesifundazwe sase-North West.
Usihlalo wekomiti u-Aaron Motswana ushaqekile “ngokukhululeka kwakho konke” kwenkohlakalo edla lubi ngaphakathi kumasipala.
Khonamanjalo, sekuvele ukuthi ikhadi lesitolo sakwa-Woolworths – elixhunywe kwi-akhawunti kamasipala – kumanje likhokhiswa imali ephakathi kuka-R50 000 no-R90 000 ngenyanga. Nakulokhu, akekho okumasipala ongachaza ukuthi lezi zimali zivelaphi.
Izitolimende zemishwalense yempilo zakhokhwa nge-akhawunti yasebhange kamasipala.
Ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya ngoLwezi odlule, umasipala ukhungethwe yizingxabano phakathi kwamaqembu. Njengamanje umasipala uphethwe imeya ye-ANC kanye nosomlomo we-EFF.
Ngemuva kokhetho, isikhulu esiphezulu sezimali kumasipala saqokwa njengebamba lomphathi kamasipala. Kodwa ngemuva kwenyanga uSomlomo wamumisa waqoka elinye ibamba lomphathi kamasipala ngaphandle kwesinqumo somkhandlu.
“Akukwazi ukuthi imali yabakhokhi bentela ixhashazwe ukuze kuzuze abanye abantu. Umkhandlu kumele uxazulule izinselelo zawo futhi unikeze imiyalelo yokuthi ngubani okufanele aqokwe njengebamba lomphathi kamasipala,” kusho uMotswana.
Ikomiti lithe lizoyalela uNgqongqoshe wohulumeni basekhaya ukuthi amise ukusetshenziswa kwe-akhawunti yasebhange kamasipala kuze kube kuxazululwa inkinga yokuthi ngubani ongumphathi kamasipala ofanele.
Ilungu le-DA kwisiShayamthetho esifundazweni, uFreddy Sonakile, naye oyingxenye yaleli komiti, uthe bazobhalela uMengameli kanye nenhloko yophiko oluphenya amacala akhethekile esifundazweni ukuze bagunyaze isimemezelo se-SIU mayelana nezindaba zikamasipala.
“Sizokwenza konke okusemandleni kuze kube bonke abathintekayo bathathelwa izinyathelo,” kusho uSonakile.