Usola isandla semfene umama oshonelwe ingane 

Lubhalwe nguKarabo Rammutla

Umhlaba kaPride Mathobela uvele wama ngesikhathi kushona indodana yakhe, uSurprise ngemuva kokudla upholoni ofakwe ushevu wamagundane kamakhelwane wakhe ngoLwesine.

Ukufaka usawoti esilondeni, uMathobela uthi umakhelwane wakhe umnike u-R5,000 njengesinxephezelo sokushona kwengane yakhe kodwa konke lokhu bekunganele ukuvala ukuthula kukaMathobela. 

UMathobela uthe lesi senzo sikhombisa ukuvuma icala njengoba kuthiwa umakhelwane wamtshela ukuthi lokhu bekwenzelwe enye ingane yomunye umakhelwane. Uthe ubikele amaphoyisa ngalezi zinsolo.

USurprise nabangane bakhe abathathu babedlala endaweni ese-Skierlik ngaphandle kwase-Tshwane ngesikhathi uSurprise ethola inyama yesoseji enoshevu.

Wadla lokho kudla ejabule, kodwa engazi ukuthi bekufakwe ushevu wamagundane okuthiwa i-alepherimi. Kubizwe i-ambulensi, kodwa uSurprise washona ingakafiki.

UMathobela uthe ngesikhathi besalinde ukufika kwe-ambulensi, umakhelwane wayekhala emtshela ukuthi upholoni ofakwe ushevu wenzelwe ingane yomunye umakhelwane kodwa umakhelwane ukuphikile konke lokhu.

USola isoka likamakhelwane ukuthi lidliwa unembeza futhi ingakho bebemnika imali.

“Kungani banikele ngemali ekubeni okumele bakwenze ukuzinikela emaphoyiseni, bebehlose ukubulala, akusho lutho noma bebengaqondile ukubulala indodana yami.”

Uthe isoka likamakhelwane belizama ukumthenga ukuze athule.

“Ngizokwenzani ngo-R5,000? Ngiyayibona lento ayenzayo, ufuna ngithule ngingawatsheli amaphoyisa, angeke ngivume ukuthuliswa ngemadlana.”

Isoka likamakhelwane livumile ukuthi limnikeze imali, kodwa wathi kungenxa yokuzwelana naye.

“Mina ngingumzali, angikwazi ukucabanga ukuthi kunjani ukushonelwa yingane.

Lokhu ngikwenza ngokuzwelana naye hhayi ngoba nginecala, kodwa ngebhadi uselibonile ithuba lokuthola enye imali. Wangitshela ukuthi kumele ngimnike u-R15,000 noma ngiyeke.

“Anginayo leyo mali,” etshela i-Scrolla.Africa.

Isoka lithe bebelokhu belwa namagundane, yingakho befake ukudla okunobuthi emzini wabo.

“Amagundane agcwele yonke indawo, naphezu kophahla lomjondolo wethu, angikholwa ukuthi kukhona onengqondo ehluzekile ikakhulukazi umzali ongathengela ingane i-alepherimi.”

Okhulumela amaphoyisa ase-Boschkop, uSayitsheni Yeroboam Mbatsane uthe bavule idokodo lophenyo.

Esithombeni esingenhla: USuprise oshone ngemuva kokudla upholoni ofakwe ushevu wamagundane

Izihloko zakamuva