
Karabo Rammutla
Eminyakeni emihlanu eyedlule idolobha likaMasipala wase-Tshwane lasusa u-Evans Mohlala emkhukhwini lamnyisa endaweni lapho ayezokwazi khona ukuthola amanzi, ugesi kanye nendlu efanele.
U-Evans, odabuka e-Extension 24 Nellmapius, e-Tshwane, wayejabulile ngokuthi unendawo angayibiza ngekhaya, kodwa ubengazazi izinkinga azohlangabezana nazo.
“Ngangiyindoda ejabule ngesikhathi ngithuthela lapha. Ngagcine senginamanzi nendlu yangasese eshaywayo egcekeni lami,” kusho u-Evans.
Kodwa emasontweni ambalwa edlule watshelwa ukuthi indlu yakhe yomxhaso yakhiwe ngaphakathi kwegceke lomunye umuntu.
Uthe ngesikhathi isikhulu soMkhandlu simtshela lezi zindaba saya kobheka i-akhawunti yakhe emahhovisini kaMasipala e-Mamelodi.
“Isikhulu siphendule ikhompuyutha sayibhekisa ngakimi ngabona igama lowesifazane ongaziwa. Wathi umuzi wami uzonikwa lowo wesifazane,” kuchaza u-Evens.
“Isiphithiphithi lesi. Manje ngihlala ngokwesaba ukulahlekelwa impahla yami. UMasipala kumele ususe igama lalowo wesifazane esikhundleni sami.”
Okhulumela uMkhandlu wase-Tshwane, uLindela Mashigo, uthe owesifazane osewashona wafaka isikhalo kubo wathi isitendi sikaMohlala ngesakhe.
“UMohlala kumele avakashele ihhovisi lesifunda lezezindlu ukuze kulungiswe leli phutha,” kusho uMashigo.