Lubhalwe nguKhaya Ndaba
Manene namanenekazi sinethulela uSol Stringer! Uza esiteji esiseduze nani uzokwenza adume ngazo ngokudlala isigingci sakhe acule ne-albhamu yakhe entsha sha.
NjengoJimi Hendrix ongomunye wabashayi besigingci sikagesi abanethonya elikhulu emlandweni womculo odumile, uSol akasishayi ngendlela ejwayelekile isigingci sakhe. Ukhipha lonke ikhono lakhe ngesigingci ebe ecula nasemlonyeni, enyakazisa izindololwane namahlombe ukuze akhiphe imisindo ye-psychedelic esigingci sakhe.
Ngokwesiko elide labashayi besigingci emhlabeni wonke, uJo’burger (39) unikeze isigingci sakhe asithanda kakhulu igama – “Peaches”, ngenxa yemibala yaso: osawolintshi, ophuzi kanye nobomvu.
USol uthanda ukukhala kwesigingci sikagesi. Njengabashayi besigingci be-rock abaningi bakudala uncoma uHendrix njengenkosi futhi ugqugquzelwa kakhulu imisindo yangaleso sikhathi kaLenny Kravitz, uBlink 182 kanye ne-Aerosmith.
Isigingci sakhe sokuqala sasibizwa ngokuthi “u-Ashley”, kanti wasithenga kumngani wakhe wasekolishi ngo-R200 ngo-2002. USol obizwa ngumama wakhe ngoSolly Mosetle wamthengela isigingci sakhe sokuqala sikagesi wavele wakuthanda ukukhala kwesigingci sikagesi asibiza ngokuthi-“axe.”
Lo mculi owazalelwa e-Krugersdorp, entshonalanga yeGoli waqala ukushaya isigingci ngo-2007 kanti waqala umsebenzi wakhe eGoli njengomculi ohamba yedwa.
Iqembu lokuqala likaSol lalibizwa nge-Malice. Bacula ezindaweni zaseGoli njenge-Blues Room, i-Cool Runnings kanye ne-Roxy’s. Ngemuva kokuthi iqembu le-Malice lihlakazeke wajoyina iqembu lebandla.
Ngokulandelayo waqala ukucula nabaculi abafana noKhuli Chana, uDJ Zinhle, uDanny K, iBig Nuz, uMobi Dixon kanye noLulu Dikana ongasekho.
Kungaleso sikhathi lapho uSol ajoyina khona iqembu lomculo i-Muzart umsindo walo owaduma kakhulu kuleli.
Ngemuva kokuthola impumelelo enkulu naleli qembu uSol wanquma ukulishiya iqembu ukuze aqhube umsebenzi wakhe eyedwa futhi ngaleyo ndlela kwazalwa uSol Stringer.
Leso sinyathelo samenza wadalula amanye amakhono akhe njengokucula, ukubhala izingoma, ukukhiqiza nokulingisa imbala. Wasebenzisana noDJ Clock & Ntu2ko ukwenza ingoma ethi-“Happy” ngo-2019.
Uke walingisa kwifilimu ethi-She Is King ehambisana noKhanya Mbau, uKhabonina, u-Aubrey Pooe, uSophie Ndaba kanye noHlomla Dandala.
Wakhipha i-albhamu ye-neo-urban enesihloko esithi-String Out Loud enengoma eshisa izikhotha ethi “Kholwa.”
Njengamanje uhamba izwe ecula le albhamu. Usebenzisane noTee Dike “TD Jokes the Comedian” engomeni eyodwa ezophuma maphakathi no-2023.
Esithombeni esingenhla: USolly Mosetle
Umthombo wesithombe: Sithunyelwe